PHIWOKUHLE

Mntanami ngikuthwalile eziyisishiyaga lolunye izinyanga.

Ngakukhulisa ngebele wancela wangeyondlekile intombi.

Ngakufundisa ukuhlala wahlala wakhasa.

Waluthatha lalunye zahamba insuku wahamba waqina.

Waqala wangimemeza aqina amathambo wagijima.

Wathola abangani nadlala waqala wakhonza abangani kunami.

Wangena esikoleni waqala wafunda enye impilo.

Phiwokuhle mntanami ngikufundise ukuzimela.

Musa ukukhonza abangani kunami.

Usulalela bona ngikwenzeni na?

Buya kimi ngisenguwe owakuncelisa bengekho bonke laba usubakhonze okundlula mina.

Ngizwa umsiko bakwethu buya ngisakulindile.

IBHALWE UMAKHOSI SHWALA