Mangacoshanga amaphepha

Impela inqondo izophithana

Lengane iyangidelela

Lengane ayingazi kahle,

Ngiyakhuza lutho ukuzwa,

Ngiyashaya ayikhali kuze kukhathale esami isandla,

Kanti isiteji into enjani?

Cha mina ngizocosha amaphepha bakwethu

Akeningi lekelele bomama cha sengidelile

Uma nje ningafaka isandla nani ekumkhuliseni hleze kubencono,

Ingikhomba ngomunwe esweni impela ngzoxhopheka maqede ngingayiboni nala seyenza okungafanele.

Ifak’iketana ezincane,

Ipend’umlomo kuhle kwetshiyane

Ngisho ekilasini abasayazi kodwa iphum’ekhaya ith’iyesikoleni.

Impela ngzohlanya baningi bangitshela ngezint’ezimbi ezenzayo.

Ngithe ngiyashaya kodwa akuphumi naluny’uyembezi.

MakuyiNkosikazi ayiphume iyemendweni wayo,

Kodwa makuy’intombazanyana kamama izohlalaphansi,

Makuy’intombazanyana kamama izohlonipha,ilalele yenzenjengoba itshelwa.

ibhalwe uMakhosazane Ndwandwe Shwala