Imali siyayisebenzela ngoba sifuna ukuphila kamndani. Impumelelo yomuntu ilele emalini, okusho ukuthi umuntu akakwazi ukuphumelela ngaphandle kwemali. Imali ingukhiye wempumelelo ngoba konke esikufunayo, esikufisayo kanye nesikudingayo empilweni kuthengwa ngemali. Ngaphandle kwemali kunzima ukuphila impilo enokunethezeka kanye nempumelelo.

Imali oyitholayo ilingana nesikhathi osisebenzile uzikhandla kanzima ujuluka. Ngamanye amazwi imali iyisibuko esikuvezela amandla owasebenzisile ngaphambi kokuba uyithole. Ngiyabuza ngithi yini engakuvimbela ukuthi uthande imali? Ngoba phela empeleni imali ifana nomphefumulo, futhi ngaphezu kwalokho iyinto esiyiphilelayo.

Izwi lami namhlanje lilele ekutheni thanda imali, ngoba ayikho into ongaba nayo la emhlabeni uma ungayithandi imali. Umuntu nomuntu uba nalokho akuthandayo, ngoba ukuthanda into kusho ukuthi ufuna ukuba nayo futhi awufuni nokuzibona ulahlekelwa yiyo leyonto oyithandayo.

Ukuthanda imali akusho ukuthi yilandelele kodwa kusho ukuthi kufanele ulandelele izinto eziyilethayo. Ngalokhu ngiqonde ukuthi wenze umsebenzi wakho omuhle futhi nowuthandayo, emuva kwalokho wamukele iholo lakho. Emuva kokuhola uqikelele ukuthi uyalivikela lelo holo lakho ukuze lingavuzi selisezandleni zakho. Thanda imali, thanda futhi nokuyonga ukuze uyisebenzise ezintweni ezihlakaniphile. Nakhona lapho uma uyisebenzisa ezintweni ezihlakaniphile qikelela ukuthi uyisebenzisa ngokuhlakanipha.

***