Abaningi bacabanga ukuthi uthando yinto emnandi nje kuphela. Yebo, baqinisile ukuthi luyinto emnandi kodwa futhi uthando liwumsebenzi. Yebo umsebenzi umnandi kodwa awulula ngoba imizwa yomuntu kwesinye isikhathi yenza umuntu abe nokunqena ekwenza lokho okufanele ngabe uyakwenza. Ukuthanda kusho ukuthi wena uzoziba imizwa yakho ngaso sonke isikhathi ukuze wenze okufanele ukwenze.

Ukuziba imizwa akulula futhi akumnandi, ingakho ngithi mina uthando akuyona into emnandi. Ngoba ukuthanda umuntu kusho ukuthi kufanele ube ngumuntu othandekayo, njengokuthi uqale ngokuzithanda wena kuqala. Ngoba uma uzithanda wena kuqala kuba lula nakuthina ukuthi sikuthande. Ngoba ukuthandana kusho ukuthi sibambene futhi ukubambana kusho ukusekelana kuzo zonke izinto esifuna ukuzenza.

La emhlabeni sihlanganiswa uthando. Uyabona nje umaqondana ofuna ukuba naye nizohlanganiswa uthando. Uma kungukuthi umaqondana osunaye vele uzovumelana nami ukuthi nahlanganiswa uthando. Uthando yilo lodwa olwenza ukuthi abantu baphile ndawonye. Ukuthi thina abantu siphilisane ndawonye kusho ukuthi sisemsebenzini, futhi emsebenzini ongelula. Ngoba uthando olungasebenzisi akulona uthando lwangempela.

Uthando lwangempela uthando lapho khona usukwazi ukulawula imizwa yakho ngendlela efanele. Ngoba uma kuwukuthi imizwa yakho ingaphezulu kwamandla akho, iyakulawula, lokho kusho ukuthi uthando othi unalo liwuthando lwemizwa kuphela. Uthando lwemizwa alulungile ngoba lungaphela noma nini. Ngakho-ke zifundise ukuthi kube uwena ongaphezulu kwemizwa yakho ngoba uma ungaphezulu kwemizwa yakho kuyobe kusho ukuthi nothando onalo luyoba uthando oluqondile, ngenxa yokuthi angeke kwenzeke ukuthi luphele kodwa kungewena oluqedile. Kuyobe sekunguwe olulawulayo uthando olunika omunye umuntu. Ingakho ngithi uthando liwumsebenzi.

***