uSbanisengcebo beno Ngcebenhle bafica unina uyakhala ekamereni lakhe uphethe Izimbali zakhe ezinye ziphukile kanti nomgexo wakhe uqhumile.

“Mama kwenzekeni Kanti baba Sbonga akakhulumanga nawe yini futhi ugogo Beno malume Thembelani bafunani lapha” kubuza Ngcebenhle. “Mawami kumele bahambe isikakhulu umalume ngoba Zanokuhle uyeza kusasa Kanti kungekudala ufuna ukukukhipha ubab’ Sibonga. Ubuye umqondo ka Zanokuphila ababuze kuthi sebemazelaphi ke manje, bachaze kuthi bahambe ngoba bebafuna bakhululeke bebobabili Kanti futhi ababankinga naye bayamthanda bambuze Kuba wakhala kangaka kwenzekeni.

Ubesebachazela konke Zanokuphila base baqonda Kuba kungani umawabo ekhala. “Ma koba niniphila lempilo nobaba wayekukhuza ngabo ungalaleli mina ngibazikahle Kanti naphambilini usasebudlelwaneni naye malume Thembelani ubengakuphathi Kahle futhi seke wakulimaza Waze waya sbhedlela” kusho Ngcebenhle aqhube athi “Mama mina nje angimfuni moshada naye ngiyahamba lapha ngeke ngisahlala nawe”.

“Bantabami umangasuadi naye ngeke niphinde nikwazi ukuyovakasha khona kwaShabane manje kuze namukeleke kumele babomdala wenu engingenile” kusho Zanokuphila. “Mama sesibadala thina futhi ikhaya lethu uwe nalapha ” kusho Sbanisengcebo. “Uyaphazama bhutiza mina ngisazonishiya emhlabeni nisazobadinga sthandwa sami” kusho Zanokuphila. “mina mama angiyifuni lento yenzayo zicabangele nawe” kusho Ngcebenhle. Abese abatehela Kuba baye kolala bazoxoxa kusasa banqabe bathi bazolala naye. “Mawethu!” ebizwa Ngcebenhle; “ungasifihleli thina ngoba wathi sabangani bakho uyamtganda ubab’ Sbonga” kubuza Sbanisengcebo. Zivele zizehlele izinyembezi emehlweni kaZanokuphila ebese evuma ngekhanda “mama engikushoyo ungazwisi ubuhlungu ngoba uthi wenzela thina” kusho Ngcebenhle.

Bazumeka abantwana bagcina belele ngapha kwaze kwasa ebheke ngawayizolo Zanokuphila. Wanele wabona kuthi kusile wageza wahamba engashongo kuthi uyaphi.