KaMasuku othandekayo

Ngiyakubingelela Sisi bengifisa engathi ngingabuyisa isikhathi emuva ngokwenzekile kungenzeki. Bengifisa kukhuluma nawe ubuso nobuso kepha ngiyahluleka futhi ngisaba ukuthi ngizokwenza iphutha ebesengilenzile.

Ngizozama kulencwadi encanyana engiyibhalayo ukuthukulula umoya wami ngineke kuwe ubunjali bami. Ubuhle bakho ntombazane angazi ngingabuxhaza ngithini awugcinanga ngokuba muhle phandle kepha umuhle nangaphakathi, nokho ngingazi kuthi ubuhle bakho nangaphakathi ibo omugqamisa obangaphandle yini. MaNxumalo bengingasengi ezimithiyo mangithi ngiyakuthanda bengikhuluma iqiniso njengomuntu efa, Kanti futhi besenesikhathi eside ngisaba ukusho mengaphosisi iminyaka emibili iphelile ngikuthanda wena siqu sakho. Emuveni kokuhlangana nawe kuningi engikwaze ukubhekana nakho empilweni. Kunento engihlekisayo yazi ungowesimame kepha uwe ongifundise ukuba indoda yangempela kukhoba konke engihlangabezana nakho noma izinto zomhlabe sezisukile ngiye ngizwe kuduma amazwakho emadlebeni Ami usuthi ‘You must fight fire with petrol’.

Umangibuka ungithandile, wangiseka ,wangenza ngaya nyuvezi ngakwazi kuveza maphupho ami nami awuzange ungibukele phansi ukholeliwe Kimi nalapha sengilahle ithemba wakwazi kungiphusha kuthi ngiphokophelele phambili. Mangibuka ukwenza kwakho empeleni yonkinto unguye lomuntu wesifazane engimthandayo nengimdingayo empilweni Yami umuntu ongaba umama oqotho ebantwaneni bami. Eqinisweni ngibhala lencwadi ngiyavalelisa kanti nomsebenizi owasipha wona nodadewethu siyawuyeka ngokukhulu kuphazima kweso.

Ngizozama kuthi sihambe kulendawo kuze kuzoba nokutula isimo esengikubeke kuso asingithokizisi. Ngiyazi kuthi lokhu engikwenzayo ubugwala kepha ngibuka isimo indlela isiyiso nezinga lempilo esiphilayo. Ngike ngafikelwa mcabango wokukulwela kodwa ngasaba ukuphoxeka ngoba ungowesifazane ozimele ocebile mina nje ngumuntu osahlanganisa okungenze ngakholwelwa kuthi ngekuzuthande umuntu onjengami ngoba ungalahlekelwa isithunzi sakho.

Ngiyazi kuthi kulena angingenindawo kodwa ngicela ungayeki ukunakekela abasemndenini owendela kuwo yize bengakuphethe Kahle kepha ungayeki ukubakhombisa uthando leli osokhonbise Lona mina nabafowethu Laba esihlanganisa nabo empilweni. Ubafundise njengoba ukundise mina ukuzakhela ukuthula. Ngizokuhlala ngicabange ngawe ngibuke izithombe zakho ngithuke sengobuza umdali kuthi wayecabangeni meqala edala ebumba umuntu onjengawe lo onguye ngoba impela umsebenzi awenza awuncomeki kuphela kepha muhle ngendlela eyisimanga.

Uma sengingasekho ngicela ungakhohlwa ukuthi ngiyakuthanda kanti futhi ngihlezi ngikuthanda mihla yonke yokuphila kwami angiboni koba khona omunye engimthanda njenganawe ngibonge kulo nkosikazi owakwazi kukuthwala esiswini sakhe wabekezela umncane ikhala uhlupha ukwenza konke ngoba waletha umfazi oqotho kulomhlaba. Angazi noma ngingasho yini usuthi zinakekele muntu wami, themba lami lemihla sthandwa somphefumulo wami.

Zanokuphila ngikufisela okuhle ntombazane uqhubeke nokumhlonipha omunye umuntu yize engengelutho emehlweni abantu, moqhubeka uhamba kanjalo uThixo uzokusa kude empilweni.

Yimi Owakho

Sbongimpilo Mthethwa.

“Sithembe akazithuka methola lencwadi okwami ke nje ujuphuma ngiphele lapha ngingabheki emuva kuphela nje kuzomele ngithole indlela yokwenza umndeni wami uqonde ukuba kubaluleke kangakanani ukuhamba kwethu kulendawo” ukuluma nje usegumbini lakhe lokhulala ucabanga lezikhathana ezimnandi abenazo noZanokuphila yize esangcenga inhliziyo ukuba iphume kuye.