Kusebusku basemzini wabazali baSebenzile bazihlalele ekamereni labo. “Dali wami yazi ngibone umngani kaSbonga nomphathi womtholampili bephumile” kusho Sebenzile.

“Manje Wena ungenaphi ngoba abaphumanga ngemali yakho” kubuza Sbonelo. “Usho kuthini manje kumele ngimxwayise phela Xolani akasiqedanga isikole” kusho Sebenzile.

“Ntombazane uzithwele khohlwa izinto zomhlabe aziyilungele ingane yethu Mase utetile sungamxwayisa lalphoke” kusho Sbonelo bavumelane bobabili bese Sbonelo amazisa kuthi kunanamntu afuna kumazisa bona kodwa hhayi manje abuze babgobabi angafuni ukudalula kodwa amqinisekise ukuthi uzobathanda.

Asiphe nomyeni wakhe basekhishini bayabhaka, babhakela inkulisa ekufunda kuyo umntwana wabo njengoba kusasa ezalwa. “Yazi tThixo wasihlanganisa Kahle siyapheka sobabili siyabhaka ngiyazibuza kuthi Kube ngaba nevila lankosikazi ngangobanjani” kusho Israel. Ahleke Asiphe besethatha ethi “baba kaSkhululiwe nakhu baba uyaphila ekubeni umama ngeke ngisho kuthi umuntu ohlanzekile”.

“Akuzwe usholokho wokhala kuzwe izwekazi lonke” kusho Israel. Bakhulume ngenhlelo zakusasa kubemnandi bese azisa Myeni wakhe kuthi zophelezelwa mngani wakhe Nkosikazi Shabane maseya enkulisa ukumsiza ekulunguseni izinto bese ecela ukuthi badlule ngapha uyafisa ukumbona besethembisa elinye ilanga ngoba kufike abantwana bakhe okwamanje.

Kusemini abantwana bahambile uzihlalele yedwa endlini kuthe kusenjalo kubekhona onkonkothayo emnyango Uma evula uzithela kuSbongimpilo uphethe Izimbali sesikhwamana esincane sezipho. Ngenjabulo ” ngena bengalindele kuthi ungeza namuhla ungangazisanga” kusho Zanokuphila aqhube athi “ngisayoqoka Kahle”. “Angikwazisanga ngoba bengifuna kukufica unguwena ukhululekile njengoba nami ngikhululeka manginawe”kusho Sbongimpilo. Ahleke bese ezibuza kuthi Kazi kumayelana Nani lokhu , abese embuza Kuba amtholele yini okuphuzwayo avume bese emnika Izimbali nesipho. “Ngoba akulona nje ilanga Lami lokuzalwa” kusho Zanokuphila “Manje kumele Kube usuku lwakho lokuzalwa kuze uthole izipho? Kubuza Sbongimpilo.

Wajabula wazamukela wenza okusheshayo okudliwayo nesiphuzo wamnika wabonga. “Bekade ngicabanga ngeseluleko sakho sokuzazisa kulenkosazana ethathe inhliziyo yami namuhla ngizengaba nesibindi ngabona kugcono ngiyazise kubekuyo kuthi ithini” kusho Sbongimpilo. “Mthethwa ngaze ngajabula nkosi yami manjeke iza nazo ulwamukelile uthando lwakho. Ukuluma nje unqamula izinduku zezimbali kancane uzifaka kwivazi egcina Izimbali. Wayejabule ngendlela eyisimanga kwazise uyazithanda izimbali. “Ngiyabonga kakhulu nginesiqiniseko ngijabule ngaphezu kwakho I love flowers” kusho Zanokuphila. Ube usemcela ukuba ahlale phansi baxoxe isikhashana nangempela eyakwa Masuku intombi yase ihlala phansi wasecela izandla zakhe nyokungananazi wamnika zona. Sbongimpilo ube esezibamba ezidlalisa “zaze zathamba kamnandi” abonge besethi ucela ukuvula isipho esinye , ubesethi Sbongimpilo ucela asivule sebeqede khuluma wavuma naye wangayibona inkinga.

“KaMasuku, MaNdwandwe omuhle” akhophoze uZanokuphila “Wena owase Gadunkomo,Somaphunga, Zwangendaba sesisidana isikhathi ngifuna silumane indlebe ngalendaba kodwa ngisaba. Ngiyazi ngenzeka ngakuniki impilo ekufanele” zivele zizehlele izinyembezi emehlweni kaZanokuphila ebese eqhuba ethi “noma ngikujabulise ngazozonke izimfuno zakho kodwa engifisa ukwazi kuthi ngiyazifela ngawe Zwide kaLanga nakhu ngangikhuluma nawe ngowesimame othathe inhliziyo yami ngangikhuluma ngawe ngiyakuthanda mntanomuntu Kanti futhi nginaso isifiso sokuba ugcine uphelele emagcekeni onyambose ugcagce ushaye umthetho kwakho” kusho Sbongimpilo. Aphefumulele phezulu Zanokuphila besethula embuka uSbongimpilo.

“Akudingi kuthi ukunike impendulo manje kodwa ungathatha isikhathi sakho Kanti ungasabi ukusho Uma ngingekho ezingeni lakho ngizozwisisa” kusho Sbongimpilo. Kuthe kusenjalo kungene MaMsweli besabambene izandla bangamboni ehamba nomafungwase wakhe u-Thembelani bame bababuke beseqhubeka ethi Sbongimpilo “kodwa engifuna ungakulibali ukuthi ngiyakuthanda angeke ngayeka ukuthanda. Lesipho lesi sobomgexo namacici engizocela ungigqokele Kona ngolwesine umasesiphuma khona lapha enginesifiso sokukuyisa khona ngithembe uzoyithanda leyondawo. Bese kuthi kuphinde kubekhona iwashi Lona linguphawu lokuthi ngihlezi ngikunika isikhathi Sami noma nini ungidinga wongithola ngosabela ngaso leso sikhathi, ingubo ozoyigqoka ngalo lolusuka Uma uvuma sihambe izofika kusasa Kanti mongavumi sekoba eyakho mama vele ikufanele.

Amdedele bese esula izinyembezi, kubuye amazwi kamyeni wakhe ethi akaqhubeke nempilo waphinde wakhumbula isithembiso asenza kuye esaphila ukuba noma ngenzekani kuye uzoqhubeka nempilo. “Dingiswayo angazi ngempela ngithini” kusho Zanokuphila uthe esaqhubeka esathi uyahkuluma uMamsweli amphazamise athi “awuzusho lutho ngoba vele lento yenu ayikho Wena mfana wami engani waphika kuthi ugibela phezu kwakhe phuma uphele lapha. Unesibindi utshela umuntu in front of phambi kwamnyeni wakhe kuthi uyamthanda unananyala”.

“Ma!” kusho Zanokuphila. “Ungathi nywa la Wena uzoshada noThembelani wena kusasa niyobhala enkantolo awukwazi kodla imali yenyindoda nenyindoda” Kush MaMsweli.

“Manje Thembalami akasiyo yini enye indoda” kubuza Zanokuphila esukuma; wavele wamshaya ngempama uThembelani wasemutshela Kuba akakhulume Kahle nonina. “Ndoda umshaya kanjani muntu wesifazane ngenzangalutho” kubuza Sbongimpilo ngolaka esukuma eyomaphambi kwakhe. “Ngihambele ngingaze ngikucaphune ngikulahle kudoti lapho kumele ngabe ukhona” kusho Thembalani.

“Nyambose ngiyacela Bandla uyekhaya ngiyathembisa ngizofona sokhuluma” kusho Zanokuphila ekhala. Asuke ahambe kuthe ngasemnyango uThembelani athi kuye “mfowethu ngekusamthola ubona nje kusukela nahlanje sezolala esifubeni sami” anxaphe ahambe Sbongimpilo. Endleni egoduka inhliziyo yakhe yayilokhu isele emuva kuZanokuphila ezisola nyokumshiya yedwa esexabanga nokuthi ukuhamba kwakhe kungamosha amathuba okuthi babe ndawonye.