Sekuphele izinyanga Sbongimpilo efisa kuxoxa nabazali bakhe kepha Uma beqala bekhuluma Kuba ngokuthile okubaphazamisayo kanti nomsebenizi asewenza uyamkhathaza futhi ngapha eceleni sebhekene nezivivinyo zakhe njengoba esekholeji enza izifundo zokuba Uchwepheshe we-IT.

Kwathi sebeyolala ebusuku wafunda cishe amahora amane wasekhetha ukuphumula mebheka isikhathi kusezintatha ngokucabanga kwakhe wabuka kungcono ayovusa abazali baxoxe mgaso lesikhathi ngoba bemgayekela bengaxoxi ngeke baphinde. Wanikela elawini labo wafike wankonkotha kabili kathathu wasengena etheleka kulo wakhanyisa ugesi baphaphama.

“Wafundiswa ubani ukungena kamereni lethu singakuvumelanga thina” kubuza MaShandu. “Mfana wakhathazeka nje yini? Kubuza uyise.

“Baba nawe mama kunodaba engifuna siludingide luyangidla angazi nami kungani lungidla futhi sekunamalanga ngizama kunitshela kodwa Kube neziphazamiso eziba khona” kusho Sbongimpilo. “Nyambose omncance ngakubuza nje wathi alubalulekile” kusho uyise “yebo baba kunjali alubalulekile kodwa kusemqoka kuthi nginazise njengabazali bami” kusho Sbongimpilo.

“Usibonile kodwa isikhathi” kubuza MaShandu “yebo mama futhi ngibona kuyithuba elihle lelu kuthi sixoxe sebelele khona bengezosiphazamisa” kushi Sbongimpilo. Kuthuleke isikhashana besebuza mawakhe kuba ubavusele ukuba buka yini ubesephendula ethi cha akunjalo base bemcela unkuthi akhulume masisha bafuna ukulala.

“Mama, baba ngiyagula” bamubuke ngokumangala “ngisho ukuthi nginegciwane lengculazi futhi sekuyiminyaka emithathu ngithola ukwelashwa. Ngibone kugcono nginazise kuze bekwenzeka ngigula sengilapha ngoba yini enosukuma kuqala Nazi ukuthi nibhekene nani. Ilokho ebengikade ngifuna kunazisa Kona njengabazali bami” kusho Sbongimpilo.

Kuke kwathuleka kungekho khulumayo cishe imizuzu eyamashumi amabili wasebuza mawakhe ukuba wamazisa yini Sebenzile bese vuma ukuba uyazi Kanti futhi yena senemunyaka eyisikhombisa ethola ukweshwa.

“Ndodana hamba uyophumula ulale sizobuye sixoxe” kusho Dingiswayo nangempela asukume ahambe. ” Waze wanesibindi umfana ubani osatshela abazali bakhe into ekanje” kuqhiba uDingiswayo nenkulumo yakhe esengasekho Sbongimpilo esele nomkakhe kuphela epawini labo.

“Lowa Delilah wayimosha impilo yengane Yami, akugeji uye owathelela ingane yami naye futhi naye eyithatha kulesa Sixhanguxhwangi ayejolela naso ingane yami” kusho MaShandu. “Nondaba akusasizi ukukhomvana ntiminwe thina asiseke ndodana yethu siyithande ngobabikwazile ukuba idalule kuthina into ekumele Ibe imfihlo yesithandani” kusho Dingiswayo. Nangempela bavumelane nalokho baqhubeke balale.

Sbongimpilo uthatha uyabheka umqondo wakhe secabanga Kuba abazali bakhe bazomxosha ekhaya ngoba sebatshele lokhu. Azibuze kuthi uzoyitholaphi indawo yokuhlala imiqasho seyaba indlala kanje. Kwaze kwalamula ukufika kobuthongo nabo obaphazamiswa iphupho, ephupha eshada kodwa mevuka akakhumbuli kuthi bekubani kodwa yena uyazi futhi bayazwana okumdida kakhulu ilendoda angayazi elibe ithi ngikunikeze umkami ngoba ngikwethemba muphathe Kahle. “Okwesine leliphupho lingifikela futhi yeblna Lona indoda enjani eshadisa nkosikazi wayo nenye indoda, ayi kuyindida konke lokhu kuzomele ngike ngikhulume noZanokuphila ngaleliphupho ngiyazi nokukhathazeka kuzophela Mase ngixoxenaye.

*Ngaba bekubalulekile kwazisa abazali bakhe ngokugula kwakhe; Wena ungimzali wakhe bungenza njani esimeni esinje?*