Kwasekuphela izinyanga U-Sbongimpilo beno Zanokuphila bechitha isikhathi esiningi ndawonye baye sebefana nabangani beminyaka. Sbongimpilo wayezizwa ekhululekile mengaba enaye wayekwazi ukuxoxa nanoma yini naye ngoba uma ekhulume naye ngokuthize okumuphula umoya wayezizwa engathi kunomthwalo omkhulu osuswe kuye. Kuyimanje wayeqeda kusiza usisi wakhe athole itoho lokuba umsizi kaZanokuphila emsebenzini wabo.

“Awungixoxele usichithanini isikhathi nentombi yakho uhlezi ulapha nami” kubuza Zanokuphila. Abenokushalaza besethi “nakhu nje ngihlezi nayo kuyimanje” azihlekise besethi ” ngiyadlala konje Nina nithini I’m joking my lady kodwake ukhona engicabangq kuthi uyithathile inhliziyo Yami” kuphendula Sbongimpilo. “Lucky lady she is hey” kusho Zanokuphila emamatheka “manje awusho ubani wakwabani futhi umuntu onjani”.

Ahleke bese ebekeka ejulile ngokwemicabango athule eside isikhathi bese phazamiswa uZanokuphila “kusobala kuthi ukhethekile losisi wabantu”. Aphuze isiphuzo sakhe kuthe kusenjalo kuphele ukumamathekha “yena she is truly special ngiyamthanda kakhulu futhi ekuqaleni bengithi ngiyahlanya umangimbona emaphupheni ami,” uZanokuphila amubuke ngokumangala “ungangibuki kanjalo, kuthi manje losisi ucebile uzimele akukho angenako ufundile, ubemali lapho mina ngumsebenzi nje wezinkontilaki onomatikiletsheni kuphela angikholwa ukuthi ngingakwazi ukumjabulusa kodwa yena izenzo sakhe nobuyena bukhombisa Kuba nothando. Umuhle ethuli engakasho lutho nje uhlezi ehleka ejabule, uyamazi omunye umuntu” kusho Sbongimpilo.

“Manje yini ekuvimba kuthi umtshele ngemizwa ngoba konke lokhu okubalayo akusho lutho izinto nje ezishabalalayo kodwa momthanda njengokushi kwakho uthando lwenu alizoshabalala” kusho Zanokuphila. “Nkosazana awuqondi wena indoda engangami enamashumi amathathu nanye ngabe namanje isazama iyahlanganisa” kubuza Sbongimpilo. “Uma ekuthanda uzokwamukela njengoba unjalo, akuthande nakhe konke okwenu ndawonye” kusho Zanokuphila.

Besekuthuleka kancane asukume ayophaka isidlo sakusihlwa uKaMasuku ushiya nje uSbonga ujulile ngokwemicabango ezibuza ukuba ayazise yini lentombazane ayithandayi noma asule yonke imizwa anayo ngayo enhlizweni yakhe. Akuphelanga sikhathi wabengena nokudla wamubuka wasemugezisa izandla wazisula wasehamba eyowachitha amanzi amugezise ngawo izandla.

“Mama!” kusho Sbongimpilo ebiza Zanokuphila aphenduke amubuke besethi Sbongimpilo “ngiyaxolisa bengiqonde kuthi nkosazana, ngicela kubuza ngoba lentokazi ethathe inhliziyo yami iwuwena ngayo yonkinto ngisho nokwenza, mengasekuqhamuke umuntu onjengami kuwena azethule adalule indlela azizwa ngayo ngawe ungenza njani” kubuza Sbongimpilo. Ambuke ngokumntshontsha uZanokuphila besethatha ethi ” mothi umuntu onjengawe ushola ukuthini?”

“Ongenalutho osazama” athuke Zanokuphila “ongakokwazi Kahle ukunakekela umndeni wakhe”kusho Sbongimpilo. “Siphumelela ngokungafani empilweni kanti futhi mengasaqhamuke manje mekwenzeka ngingamnika ithuba kodwa asibonge akakoqhamuki futhi usekude ngoba indandatho yomshado ngisayifakile futhi angikidluli kumyeni wami. Sbonga khuluma nosisi wabantu uzibike umasekumele ngithungise usho.” Kusho Zanokuphila

Bahleke bexoxa kumnandi bedla wase uZanokuphila ekhipha imvilophu eyinika uSbonga memubuza ukuba yini wasemutshela ukuba umbhaliselile Ebukhosini TVET college ukuthi ayofeza amaphupho akhe sekukhokheliwe yonke into okwakhe nje ukuyolanda izincwadi abonane nabazomfindisa yize zobefundela ekhaya. “Angazi ngithini angikwazi kwamukela lesipho usungisize kokuningi” kusho Sbongimpilo ahleke uZanokuphila besethi “ngiyakuboleka angikuphi mhla wasebenza woyibiyisa yonke imali Yami futhike okuhle suzokqazi ukuzazisa kudali wakho bese uyasho kuthi nawe usuyisifundiswa.” Wajabula Waze wakhala ebonga wathembisa ukuthi angeke aze amphoxe.

*Ngokucabanga kwakho ubani othathe inhliziyo kaSibongimpilo?*