Kusekuseni nelanga alikophakami Kahle kuqeda kugamanxa ihora lesithupha. Kuzwakale kunomuntu onkonkothisa okwephoyisa emyango asukume Xolani ayovula umnyango. Uma evula abingele bese ebacela ukuba bangene endlini nangempela bangene bese eyasuka Thuba ayobiza uZanokuphila.

“Anixoxe kunina nonke obani olala naye” kubuza MaMsweli babukane bonke bedidekile kuthi ukhuluma ngani. “Gogo asiwuqondi umbuzo wakho” kusho uMandla.

“Yey wena Kini kunogogo ongangami noma onjengami ngiyabuza kunina ubani okhwela umfazi wendodana nami, uyidla nobani imali indodana Yami eyayisebenzela kanzima” usho nje MaMsweli uphakamisa izwi. “Sanibonani nisixolele ugogo uyibhimbi ekukhulumeni afuna ukukubuza ukuthi singamthola umama bethe usethuthele kulomuzi” kusho Sbanisengcebo kuthe kusenjalo waqhamuka Zanokuphila Beno Thuba. “Oh sengiyabona uwena olala naye ukutahelile lomuzi uwunthengw ngemali yenye indoda?” kubuza MaMsweli. Ezwe ekhubeka umoya Zanokuphila kodwa aziqoqe afike ajabulele izingane besezicela ziyephezulu umuntu akhethe kamero alifunayo nangempela bajabule bahambe beyobheka amakamero.

“Mama nawe dadewethu Laba obhuti abangisiza ngokuthutha izolo siqoqe Baze bahlwela ngase ngithi mabalale bazogoduka namuhla, bafowethu mamezala wami Lona Kanye nosisi wami engimlamayo” kusho Zanokuphila.

“Ngicela kunixwayisa nonke niyambona Lona Jezebel, Delilah uqobo lwakhe ave emnkantshu bomvu ekudlaleni ngabantu” esakhuluma aphazamiswe Khaselisha emkhuza wase uZanokuphila wathi akamyeke asho afisa ukusho bese eyambuka “usizwileke iseqamgqaqo sitheni lalelani bantabami kuthula impela lokho kodwa inhliziyo yimi ngathi isathane uqobolwakhe ,intazoyenza uzolala Nani enishintshanisa nonke masedelile yini anibulelale njengendodana yami” kusho MaMsweli. “Sisi ngicabanga kuthi sibuye kusasa Sisi lento eyomndeni ayisidingi” kusho Sbongimpilo ababaze ibhadi azathwale izandla ekhanda ugogo “ungafihli lutho siyazi ulala naye ngenzi engathi awumazi enqunu phambikwethu” ahleke sakubhuqa Zanokuphila bese ugogo eqhubeka ethi “futhi ngenzeka nonke senilale naye phela lokhu akunasimilo” kusho MaMsweli.

Kukhona konke abekusho Zanokuphila uyazibukela nje yena ahleke azithulele, kuthe sebona kuthi akasakhulumi sethuli athathe athi “Mama usuqedile?”

“Yey wena Zanokuhlupheka ubani unyoko Ibiza Bani ngomama angiyena unyoko mina, Kade ngangishi ukuthi nguMaMsweli kuwe” kusho MaMsweli.

“Fair enough manje ke MaMsweli suqedile”? Ephinda ebuza Zanokuphila. Aphendule masisha “angikaqedi ngilethe lemidlwane yomnyeni wakho idinga imali ngisizile ngacela dadewenu ahambe nami khona ezobonwa amadodakho amasha.”

Ababuke bese emamatheka ethi abaye khishini bayokwenza itiye khona bezoxoxa Kahle “ayokho into ngizoyixoxa nawe nginike imali ngigoduke ngiyophekela eyami indoda phela ayifanga njengeyakho” kusho MaMsweli nangempela akhiphe imali yokugibela neyokuthenga intazoyidla endleleni akabanga esavalelisa wayithatha wahamba. “Mom why do you let her treat you like this” kubuza Ngcebenhle. “Sobuye sixoxe sisi okwamanje asamve siyodla bese nginikhumbule” kusho Zanokuphila. Bahambe bayekhishini asale Zanokuphila.

“Ngithanda kuxolisa ngokwenzekile sengifake nani ezinkingeni zami, ngizocela nigoduke niyophumula nizobuya kusasa sesiqedelela ngizofona msebenzini ngibazise nizoqala ngolwesithathu nisematasa okwamanje. Ngicela ningixolela kakhulu ngongaphatheki Kahle ngizoni odela isidlo sasesukeni bese ngisithumela kabhuti Thuba ngoba nginekheli lakhe nizobe senidlela khona. Babonge baphume asale Sbongimpilo bese embuza Kuba ukahle avume Zanokuphila besethembisa kuthinta ocingweni ntambama bese emshiya.

Sekusemveni kwezinsuku ezinhlanu bajabulile emsebenzini owabo omusha nabasebenzi babamukele ngezandla ezifudumele. UXolani ujabulile kwazise uzohamba nentombi yakhe entsha beyokwazana kagcono. Intombi yakhe kwakungu Thandolwazi Dlamuka umhlobo kaZanokuphila lona ababemthuthisa. Wazizwa emthanda eqala kumbona wase ezibika kuye uXolani bazwana base bebona kungcono ukunika ubudlelwana babo ithuba. Ubudlelwane babo babuza Kahle kakhulu bezwana lungapheli ukusuku bengaxoxanga noma babonana Kanti nabantwana babo bazwana ngendlela eyisimanga.