BaseFlatin labo balinde Zanokuphila esekuphele amahora ethi sekaseduze seyafika. “Sthandwa Sami kanti loZanempilo wakho uzofika nini sengiyakgathala kumlinda” kubuza Sebenzile. “Igama lakhe uZanokuphila kanti futhi ngisola ngathi ubesasuka ewotela alalekulo” kuphendula Sbonelo. Akuphelanga sikhathi wabengena uZanokuphila bajabulelane bazisana kwakuhle. “Yazi ngiyaqala kukubona sengisho kuthi akaze Sbo angibonise isithombe sakho esitjombemi athi mndeni wakhe Lona” kusho Sebenzile.

Wasechaza ukuba babizana ngomzala ngoba imindeni yabo isondelene kakhulu. Umntwana kababekazi wakhe bengumngani omkhulu ka Zanokuphila bajwayelana nemindeni yagcina isizwana ngobuhlobo babo. Wakhombisa ukuzwisisa ngokungabi nankinga. Baxoxa kwambandi behleka wawungafunga kuthi kunomuntu obakitazayo noma kunosomahlaya abahlezi naye, egxoxweni yabo kwagcina kufike kweyomshado kaZanokuphila kwaya kwaya kwafika nakowaSbonelo. Ngokulalela ukukhuluma Kuka Sebenzile wabona u Zanokuphila ukuba akazi lutho ngomndeni wesoka lakhe kanti nokuba ushadile futhi unaba ntwana waseshiya kanjalo emvakwesikathi wasevalelisa wagoduka.

“Angimthandi umzala wakho mina babakhe ngathi uyazitshela futhi nje yekela ukulibe umkhohlisa uthi uyena mamukhulu nonkosikazi oyofika melakwazi loko. Mina angisiye muntu wesithembu” kusho Sebenzile. “Kanti nami bengidlala Sisi ngakhathazeki” kusho Sbonelo. Wabesehamva Sebenzile eyobheka mntwana ngoba elele.

Sekuyahlwa kaShabane balungela ukudla isidlo sakusihlwa kuthe kusenjalo kutheleke Sbanisengcebo beno Ngcebenhle okungabantwana baMfihloyengcebo okungumyeni kaZanokuphila ongasekho. Banqonqoze emnyango bavulelwe ubabekazi wabo omncance okungidadewabo ka babawabo ongumangcina. Kwaba nje ukuvula kwakhe umnyango ugogo okungu maka baba wabo wasethi “kudela owazi ngoneni namuhla kuqale kwaba makaZanokuhle manje sekuyini, nifunani nemithwalo lapha” kubuza MaMsweli.

Bangene bese babekazi wabo ethatha isikhwama zabo ezibeka, “aqonde ukukusho umama ukuba kungani nifika ebusuku futhi nibgasazisanga kuthi niyeza” kubuza ubabekazi wabo omdala uNongcebo. “Do one need to make an appointment to visit her family” kubuza Ngcebenhle. Avele adinwe ugogo ubone Kahle ukuthi ukuba bekano shukela ngabe sewumuqumbe phansi “Kade ngangishi ngithi sikhulume le kude lesingisi sakho esiqojeme ungalinge usikhulume emzini wami, awusifundiswanfa imina maarn” kuthetha MaMsweli.

“Nizohlala isikhashana kodwa emuveni kwezinsuku ezimbili nizophindela emakini kusho babomdala. Zibukane izingane zididekile kuthi konakalephi “bengithi isekhaya nje nalapha” kuphendula Sbanisengcebo. “Kini isemzini kayihlo hhayi la kwami” usho nje ushaya izandla “konisiza kusasa nihamve niyekhona ukuze nizokwazi ukukwitiza lesingisi senu khona” kusho MaMsweli.

“Look at her she is still bitter, she took us away from our mother when we got here she kicked us out” kukhuluma Ngcebenhle. “Yey Wena still bitter ngangixosha inteyokuxoshwa, nizongenzela kanje bantabami nizovuka nigeze ningaahogeli ngisho iphunga lephalushi nibheke emzini kayihlo noma nigoduke anginidingi lapha” kusho MaMsweli. “Lalela wegogo nathi vesingafuni kuza lapho isimo esiphoqayo besicela nisisiza ngemali encane ngoba phela nasiphuca iplazi lethu salishiyelwa ubaba” kusho Ngcebenhle. “Usibonile singisi asisebenzi kimi; lemali oyifunayo hamba uyoyicela kumfazi kababawakho washiyela yena zonke izinto engani” bambuke bonke “uyenakr ozoninika imali ngoba nale asithumela incane ngalendlela yokuthi ngingashidaba ngayo” kusho MaMsweli bavele baphele insini uSbanisengcebo beno Ngcebenhle. “Afuna kusho umamezala ukuba asinamali okwamanje kodwa masikhona sozoyithumela ” kuphendula umakoti. “Ayikho imali eyophuma kulomuzi ngiphila mina iyakunina uyanikhohlisa lemali enifunayi noyithola ngifile. Ozovepgaka alethe kudla kwami ekamereni Lami, Baba kaMelikhaya ngilandele sesiyolala”. Nangempela babashiya behamba belandelaba.