Sekuntambama uZanokuphila uqeda kugeza usegcoba amafutha okuthambisa isikhumba. kuthe kusenjalo kungene ucingo oluvela kudadewabo omdala emazisa ukuba akalindele uzofika kulamalanga azayo amubalwa. Akhombise kujabula nongabi nankinga abesemazisa kuthi uzolindela. Kkuthe seqedile kukhuluma nawo makhalekhukhwini eselungela kulala aqale avule umabona kude abuke izinhleli ezidlalayo, kuthe kusenjalo afikelwe isithongwana esincane nje; kuso abe nephupho ngomyeni wakhe ethukuthele egane unwabu. Isikhathi esiningi bemusaba methukuthele ngoba ubevele akhethe ukuhamba ayotheza noma athathe isibhamu sakhe ayelapha ekudubulwa khona akhiphe kanjalo intukuthelo yakhe.

Into eyayenza amusabe myeni wakhe methukuthele ingoba wayesaba kuthi angazilimaza bese elimaza naye noma enze okuthile okungalungile yize ayengesona isinxwangunxwanguk kodwa indlela ayenza ngayo wayengakhombisi ukuba ungumluleki woqondo oqeqeshiwe.

Kuleso sithongwana sakhe esincane esajabulela myeni wakhe agijimele kuye amange kepha yena Mfihloyengcebo angakhombisi ukujabula bemubuka intukuthelo yakhe ibhalwe emehlweni.

“Gcagcabane wasungishiya ungasabheka emuva isithembiso sakho awusigcini ngani” ukuluma nje uyakhala bese qhuba ethi “kodwa Shabane wami yini inkinga awusangilandi ngani ngoba uyabona kuthi ukuphumula angikutholi” kubuza Zanokuphila. “We MaNdwandwe umthetho wakho lisebenza Kahle lelikhanda lakho” umbuza nje ubhodla umlilo uzishaya nekhanda ” bungangilaleli ngiphila noma sengasekho uyehluleka. Liphi iplazi lami wena, kungani ubavumela bakuphuxe izinto zethu esizisebenzele kanzima noma sukukhohliwe lokho” athule amubuke akhophoze “imali yami uyisaphi kubona kungani wavuma bakuphuce amantwana bami, uthi bewazi nje sebethengise umuzi engawakhela ubaba ngawushiya kuwe Wena wahluleka kuwugada uyinhloboni yomfazi” kubuza uMfihloyengcebo okungu myeni wakhe. Uthe engathula nje avele asidinde isililo besethi “Kuba uyazi baba kunzima ngiyahluleka anginawo amandla okulwa futhi uyazi ubudlelwane bami nomama abukho buhle ngingasaphathike osisi bakho” kuphendula Zanokuphila. “Hhayi man suka! usho nje ushaya Isishingishane “uyakuthokozela kuthi bakulawule awusho hlaleleni ngaqhubeki nempilo? kubuza Mfihloyengcebo.

“Myeni wami angiboni ngizokwazi awuvumi ukusuka emuqondweni wami nasenhlizweni, everything within me refuses kukudedela ngiyacela sthandwa sami ngiphumuze ngilande Kanti awungikhumbuli yini awusangithandi yini” kubuza Zanokuphila ebhekise kumyeni wakhe ephushweni.

Aqale ehlise umoya bese eyamududuza amange “Zanokuphila uyazi ngiyakuthanda ngihlezi ngikuthanda inkinga Yami ngicasulwa ukwenza kwakho uvumela abantu basekhaya bakuphuce amafakho nabantwana bethu; uvuma bakuphathise okukadoti kungani kodwa wenza njena. Lalela mkami ungizwe kahle futhi mina angikaze ndakushiya ngihlezi nginawe ngaso sonke isikhathi ngikubukile. Uzongenzela kanjenake mama ngicela ungithembise ukuba uzoqhubeka nempilo uvumele omunyumuntu akuthande mengenazo inhleli ezinhle ngawe ngokwazisa bese uhamba uyolanda amafa akho nabantwana” kusho Mfihloyengcebo.

“Kodwa sthandwa sami uyazi angikwazi kuthanda omunye umuntu ngithanda Wena ngingumkakho ngokuphelele futhi” kubalisa Zanokuphila. “KaMasuku sengishawa isikhathi manje awuke ufunde kungilalela Kade ngangikuxwayisa ngomndeni wami kimanje ngilele kobandayo yibo babefuna kungiphuca Wena kwanga hamba ngokwenhleli zabo. Sisi lalela vumela inhliziyo yakho yenze okufanele ukhuleke kakhulu kunakuqala kukhulu kuyeza maduze nje bazokushadisa nomfowethu omdala futhi sobabili siyazi kuthi uzoba mfazi wesingaki kuye Kanti nenjabulo ngekuzuyithole khona.wathembisa kuthi noma ngenzekani kimina Wena uzoqhubeka uphile” kusho Mfihloyengcebo.

Waphaphama lapho ethukile wasecima mabona kude wahlala nje embhedeni wakhe ejulile 

ngokwemicabango. “Ngake ngaziyala nkosi yami nangu noLindabutho ungidonelwe akusekho muntu eduze nami okuhuhlungu nje olokhu abakuhlelayo kubo. Aphefumulele phezulu “Nkosi Jesu ngitshengise kuthi ngenzenjani” kukhuluma Zanokuphila enkgathazrkile ngephupho abenalo.

*Mocabanga uzokwenza loku akutahelwa umyeni wakhe? Kungani usho kanjalo..*