“Mfana wami kuhle ukuthi ubuyele ekhaya. Awazi ukuthi ngijabule kanjani, sikukhumbule. Yazi kufana nephupho engathi kukhona ozongivusa athi usanda kuba nephupho elihle” kusho MaShandu. Bonke ekhaya babekuthokozrla ukubuya kwakhe U-Sbongimpilo wasethi ugogo wakhe ozala uyise kuye “isala kutshelwa sibona ngomopho ndodana yam.i Sithembe ufundile emaphutheni akho. Uma ngingadluli lapha Kobe angisiye umzali, ngane Yami ungaphinde wenze iphutha lokuthanda omunye umuntu ngaphezu kwakho. Zithande Wena kuqala uzibeke Wena kuqala bese cabangela Wena kuqala.ngicela ukukhumbule lokhu.  Uma wenza lokho abanye bazokubona njengomuntu ozithwele noma ozicabangela yena yedwa, kodwa khumbula lokhu uma ungazithandi futhi ungazibeke kuqala phambi kwabanye akukho muntu kule ndawo yonke oyokwenzela yona. Manje vuka othulini uzithintithe okwakho unamaphupho okumele ukujahe nekusasa ongaliphilela uzixolele ngamaphutha akho futhi ngokungabi yinsizwa abefuna ube yiyo. Okuyena yena umuntu ozokuthanda futhi akuhloniphe usendleleni noma okubi nakakhulu kungenzeka kube nguye futhi udinga nje menze akubone lokho.manje okubaluleke kakhulu ungalokothi wenze iphutha elifanayo kabili, ingabe sicacile?” Kuboza ugogo wakhe wawevuma kuva bazwene. 

Nangempela kwabamnandi ekhaya babungaza kubuya nkosana lwabo olwalubhungukile.

Impilo yathi ukuba ngcono nakuqala sebuyele ekhaya wathola nabangani abasha abanye wayefunda nabo baxhunyaniswa uLizeka nabo. Lalingapheli isonto bengazishayisanga ngomoya uLizeka no Sbongimpilo behamba beya esithombeni, beyodla ngaphandle bebuye beye ekhaya lezintandane beyonikeka ngesikkhathi khona wawungaze ufunge ukuthi Lizeka akusiye umfazi womuntu.

“Mengaba uhambe nami uye uthi uyephi kumyeni wakho” kubuza Sbongimpilo ezincokolela nje, aphendule athi “usuke engekho lodwa ngenyanga ezayo uyabuya sezobuya unomphela ngoba amakhosikazi akhe ayamdinga”. Bahambisane bagoduke kuthe angafika endlini uLizeka afice Sbonelo epheka amubuze Kuba uphumaphi besemchaze akhombise nenjabulo kuthi uchithe isikhathi sakhe esiza lapha ekwazi kusiza khona. uSbonelo wavele wakhombisa ukungabi nandaba nokungambaki wasecela ukubona lomuntu ochitha isikhathi nonkosikazi wakhe bahlela nangempela lwafihla usuku lokubonana kwabo.

uSbonelo wathuka wacoshe wavuka emangcwabeni ebona ukuba ubani lona ochitha isikhathi nonkosikazi wakhe uma engekho. “Mfowethu iyazana yini wangakuthokozela kungibona” kubuza Sbongimpilo ngokumangala. Impendulo kaSbonelo yathi ngiyakwazu uwena ongangazi Kahle nginguSbonelo Mlotshwa, kuthe kunjali wacele uLizeka abasheshisele okuncane okuya ngasethumbini wasukuma impela wanikela ekhishini wabashiya.

“Lalela-ke bhutiza uzishaya isishwapha sakho uphume uphele emagcekeni Ami bese hlukana nonkosikazi wami, uhlukane nentombi Yami futhi USebenzile uhambe uyobheka izichaka esinjengawe. Ngizwe kuthiwa imfonele ubunaye ngizokuhlanganisa noyihlo mkhulu bakho. Asukume ahambe ejambile Sbongimpilo enemibuzo eminingi emdidayo uhamba nje endleleni yakhe egodukayo kunkenteza lamazwi ashiwo Sbonelo hlukana nonkosikazi wami uhlukane nentombi Yami USebenzile. Emuveni kwesikhashana ehambile kubuye Lizeka nokudla abuze Kuba useshonephi Sbonga. “Kungene ucingo luthi intombi yakhe iyateta akaphuthume” kusho Sbonelo. Ahlekele phezulu Lizeka besethi “unentombi kusuka Nini. Wena usabise ingane yabantu yahamba akusenani; asisale sesidla sobabili weUndertaker wami. OSbonele sebasabiswa abafanyana nje abangeke babulale ngisho impukane”.

Wathukuthela Sbonelo yasho kuphima ngomlomi nhliziyo waduba nokudla imbala wangakhombisa Kuba nendaba mkakhe waqoqa izitsha wayozigeza wasethatha ifoni yakge nokhiye bemonto wasesho Kuba sayovakashela umakoti omdala ngoba nguye ababezwana kangcono naye.

*Wena wawungenzenjani unguSbonelo sumbonile ochitha isikhathi nonkosikazi wakho?*