Asukume ayovula umnyango uma ewuvula azithele kuyise. “Izinyanga ezimbili ziphelile wasibhalela incwadi uthi uyeza sajabula ekhaya nakhu manje awufiki usibambise udonga sengize ngabona kuthi ngikulande mina mathupha” kusho uDingiswayo uyise ka Sbongimpilo. “Baba bengazi ukuthi nalamukela uxolo lwami ngabona nithule ngase ngithi nidiniwe” kuphendula Sbongimpilo wase ethi baba wakhe kuye “akhekho umzali ongadinelwa ingane yakhe isikhathi eside Wena usulibonile iphutha lakho wakhumbula kuthi sumndeni iloko okusemqoka”.

Emveni kwalokho wasemyaleza ukuba akaqoqe okuqoqekayo okunye bayobuye bakuthathe. Nangempela bathatha ababekwazi kukuthatha ngaso leso skhathi besaqoqa uSbongimpilo wavele wathela uyise ngemvula yezinyembezi wamthulisa ubaba wakhe wayelibe exolisile njalo kwathi esethuli wasebuza Kuba mebheka umama wakhe zomamukela, wavuma uyise wasemazisa Kuba Kade ayelindele Kuba abuye ekhaya. “Ndodana Yami kukhona konke okwenzekile ngiyaxolisa kubuhlungu ukubona usunje, kodwa ungazisoli ngokuhle okwenzile kanti futhi intokazi Lena ungayizondi ungayibambeli gqubu. Wena lento ngizoyisho manje uzoyiqonda kangcono ngoba ungumakhi ziningi izindlu ozakhakhayo kodwa ekugcuneni ungahlali kuyo kuhlale abaniniyo ngakhokhe engizama kusho ukuba umakhile umathandana wakho kodwa bewungamakheli Wena ubumakhela umnikazi wakhe. Ngakhoke libala uyena uqhubukele phambili nempilo uzixolele bese uvula inhliziyo yakho uyivumele ikwazi ukuthanda futhi”.

“Baba sengixolile ngadlulisa futhi manje okusele ukulungisa impilo Yami” kusho Sbongimpilo. Banele bangaqedq nje base beqonda ekhaya.

UZanokuphila usendleleni eyibona umngani wakhe u-Asiphe banesikhashana nje bazana cishe ubudlelwane babo sebudonse iminyaka emithathu. Bahlangana kwinkomfa yabantu besifazane lapha babeyizikhulumi khona ezikhethekile bazwana lapho-ke balibe bebandaeonye isikhathi esiningi baphetha ngokuba abangani. Kuthi nje esacabanga ukuba angabaphathelani abantwana bomngani wakhe waphazamiswa ucingo wase thuswa kuthi inamva angayazi wabuyisela imoto eceleni walubamva ucingo. Ngegxoxo mokhuluma wasethola ukuba ubani; baxoxa nje kwabamnandi wase ecela ukuba babonane kodwa uzosho masekhona nangempela wavuma Zanokuphila akabanga nankinga wasevalelisa waqhubeka ngendlela yakhe.

*NGOKUBUKA KWAKHO MOCABANGA UBANI LONA AZOBONANA NAYE?*