Lwafika usuku ayekade ezobuyela ngalo etohweni lakhe Uma befika bafike Zanokuphila usagqoke ezokulala “ngiyaxolisa benganilindele empeleni besengikhohliwe ukuba niyeza. Ngicela nizenzele okuya ethunjini uThuba uyazazi izinto zihlala kuphi mina ngizobe sengiyodlula ngasegagasini, izobonana kungekudala” kusho Zanokuphila.

“Mphathi ubungakasazisi ukuthi umsebenzi muni futhi uzodonsa fangakanani” kusho Mfaniseni ethoba. Ababuke ahleke namazinyo akhe amahle amulophe qhwa besethatha ethi “Bafowethu ngicela ukuzazisa nani bese nenza njalo mina ngingu Zanokuphila Masuku ngiganele kwaShabane manje ngiyasuka lapha ngihlala kwenye indawo ngicela usizo lukuthi ningipakishise niphinde nipakishise umngani wami, we aren’t sure how long will it but lokho kuzoba kunina nami ngizolekelela kodwa meningenankinga. Besihlele kuninika R300/400 ngosuku kodwa kuzoba Kini ukuthi niyithatha Nini.” Bamubuke bakhombise ukuthuka ngokumangala bese ethi kibo ” hawu Thuba awusichazanga yini isimo, sisababi emalini meyincane imali sesingangeza kancane Kube R450 siyangcenga bakwethu okunye nginganilanda nginigodukuse ukunongela imali yokugibela”.

Bakhalaze bonke bekhuluma umkanye nentombi yakwa Masuku isadidekile kuthi kwenzakalani manje bavele bapheka izingane esithubeni wacabanga Kuba shita kanjalo ayozigezela kodwa wakhumbula amazwi kamyeni wakhe ukuba ungaboshiya kanjalo umuntu noma kuthiwa uyamthethisa mekhuluma naye ngoba lokho kubukeka njengokweyisa. Wadonsa isitulo wenza itiye wahlala phansi waziphuzela kuthe emuveni kwesikhathi bathula bamubuka wasethi “yazi njengoba ngenazingane ngicabanga kunithatha nobe abantwana bami Kanti futhi nginomngani onenkulisa eningafike niwubange Kahle umsindo ngalezikhathi ngisanifunela isikole” bavele bahleke bonke “bengingazi phela kuba ningabantwana abancane kanga sengicabanga nanokuniholela ngobaba kakhisimusi khona ezonilethela izipho” baqhubeke nokuhleka.

UXolani okwaye sekungu zakwabo omusha wase esho kanje “Nkosazana lokho ozosinika kona kukhulu kakhulu imali engamamakhulu amane ngokujwayelekile kusithatga izinsuku ezintathu ukuba siyenze”. Athule athi ukucabanga kancane uZanokuphila esazibuza Kuba ngabe uqondeni umfoka Mdlalose ngoba phela lemali azobanika Yona uzobanikela isikhathi Sabo abasichithile lapha bese ethatha ethi ” yize ngingezwa kahle kuthi uqonde kuthini kodwa mina bengitjhi ngesikkhathi niqoqela mna futhi ningipakishise langiyakhona usuku lulunye nizothola leyomali size siqede kanjalo nakwa mngani wami ningakhathazeki ngokudla sizoninika Kona noma Nini”.

“Nkosazana, andikholwa ukuba uyamva ukuba ufuna ukuthini ubhuti, into ebefuna ukuyithetha kukuba le mali uzosibhatala yona inkulu kunomsebenzi esiza kuwenza, kungcono ukuba uyiphungule kancinci kwaye. ukhalazela ukuba imali ayilunganga ngoku, ungazikhathazi ngamatyala wehlise kancinci kuhle imali ilungile, ukhangeleka njengosomashishini ofundileyo nonolwazi ngomsebenzi wethu” kusho Yandisa.

“OMG” esho ngenjabulo bese qhuba ethi “uyathetha how sweet” emamatheka “yazi ngiyasithanda isiXhosa anive ningikhulumela kamnandi shuthi bekunyanzelekile Kube uze uthethe khona ndizoqondisisa Kahle kuba nithini. Ningakhathazeki bantu bakithi lesivumelene ngayo imali kuzoba iyona akukho okuzojika ingoba iyo ezobinifanele manjeke nenzanjani nizowuthatha umsebenzi”? Kubuza Zanokuphila. Bavuma kuwuthatha wasebakhumbuza ukKuba bekumele benze kudla njengoba eyogeza yena wasesho Kuba seyahamba yena uyogeza uzobuya kungekudala. “Bengisacela ukukusiza dadewethu” kusho Sibongimpilo bathuke babukane bonke kanti noZanokuphila usathukile ukuthi uzomusiza ngani bese U-Sbongimpilo aqhube ngokuthi “ngiyaxolisa ngisuke ngaphazamiseka emuqondweni kahle kahle yimi odinga usizo amabhokisi okupakisha impahla angakuphi” kubuza Sibongimpilo wasesho Kuba bazowathola egarage Kanti okunye abangakuboni bazobuza umsizi wakhe usendleleni uyazi ngoba ezazi yena lomuzi akuphelanga sikhathi wabengena.

USebenzile noAsiphe kabesendaweni yokudlela bejabulelene phela kwazise kade yagcinana babengajabulw kanje bengasaxoxi wawungafunga ukuthi omamgobhozi nendawo kwase kuya nasekuhwalaleni uSebenzile eseze wakhohlwa nokuthi uzele izindaba phela eziphuzwa netiye azipheli. Ngapha uLizeka ujabulile ekugcineni seze wabuya myeni wakhe sebebala izinsukwana bahlanganiswa ngokuphelele. “Yazi sthandwa sami sengijahe kuthi ube owakwa Mlotshwa ngokuphelele” kusho uSbonelo ahleke uLizeka lolohleko oluqhamuka Uma usukhiluma nesesheli sakho noma uma uthando lwenu luselusha. “Kodwa baba kaSiphosemvelo angazi ngathithi ngibonga ukugcina sthembiso sakho nami esami ngizosingcina njengoba ngisagcina namanje ngizokuletha ukuthula emndenini wakho” kusho Lizeka.

Bachitha coshe UBusuku bonke bexoxa bengasinakile isikhathi, imvamisa noma bendawonye Kuba kanjena ungazufunge Kuba basuke bebonaba emuveni kwezinkulungwane zeminyaka.