Bhuti kunjani ubekwa yini lapha wazengani kuthi ngihlalaphi futhi”? kubuza Zanokuphila ngokumangala. Ubesechaza konje uThuba base bebona kuthi bazazisane “mina ngingu Zanokuphila uKaMasuku ngiganele kwaShabane kusho Zanokuphila naye uThuba ubesezisho bazana ngokuphelele wasebuza abanye kuthi banjani hayi washi kuthi bakahle kwambandi nje baxoxa bazwana Kahle wasemcela ukuba ngelanga lakhe lokubuya abuye nababili kubangane bakhe ngoba ufuna bamsize apakishe impahla ufuna ukuthuthela kwenye indawo.

UAsiphe nomyeni wakhe uIsrael basegumbini labo lokulala bayaxoxa kodwa kulikho kuxoxa kwabo baphazamiswe ucingo luka Sebenzile. “Maka Skhululiwe uhlele kumziba kuze kube nini” kubuza Israel athule Asiphe amubuke nje ngaphakathi kuye athi ” mlomo wami Kuba woke umphendule wobe wonakele. “Mkami what if she realised her mistake ufuna ukuxolisa phela sekuzophela unyaka manje uziba ntombazane unemveza uphi uyazisola manje” kusho Israel.

“Hawu pakithi sigijimele kuwe wakutshela lokho” kubuza Asiphe ebhuqa. “MaKubheka kanjani ngobaphela angikaze ngazhumana naye futhi angiboni ntesingayixoxa fonini, noma yini unesikhwele” kusho Israel ehleka.

Avele ambuke amvulele amehlo “oh Hello! Yazi mna ngakusiza ngavuma kushada nawe other than that ngabe awunankosikazi Kanti futhi ngakushiya ekuseni bese ntambama ngiyashada futhi” kusho Asiphe mamatheka. “Ngathi buye khohlwe kuthi uwena ongithanda kakhulu njena” Israel ekhumbuza Asiphe. Amubuke afifiyele besethi “yazi abafana akuve bekhohlisana myeni wami” kusho Asiphe.

“Ngivumelana nawe lapho” kusho Israel amangale Asiphe kodwa azame ukungakhombisi bese eqhuba ethi “bakhohlisana ngempela abafana kodwa amadoda awakhohlisani njengami nje” esho ezikhomba bese hleka thina madoda sineqiniso qi qi qi! Bahleke bobabili “vele Wena myeni wami uneqiniso manjeke sthandwa senhliziyo Yami ngedwa” ambuke bamamatheke “ngiqinisile mengithi senhliziyo Yami ngedwa, ngisho kuthi ngisangedwa engani akukakobikhona ikhona omunye”? Kubuza Asiphe ehleka.

“Anginayo imali” kugcizelela umyeni wakhe bahle bobabili beseyasho kuthi vele akafuni imali yena, avela babaze ibhadi umnumzane athi ukhathele besethi Asiphe “anginandaba nalokho Wena izolo uthe uzobuya no chocolate wami uphi kusasa uma ungekho nawe ungabuyi”. “Mana Sisi uyangivumela kuthi ngilale kumnakwenu kusasa shuthi mengingimfune iyabona” kusho Israel besaxoxa nje kamnandi bezihlekela bedlalisana kuphinde kukhale ucingo lwakhe avele anyone kuthi ayikho lento akalubambe “ngiyabonga awuthathanga seluleko Sami when I told you to find a hobby nakhu manje uyasiphazamisa nobaba kaSkhululiwe ikuphi inkinga” kusho Asiphe.

Yayingeve iyisichwensi ingane yakwa Kubheka futhi ineconsi kodwa abaningi base belijwayele. “My friend I miss you ngiyaxolisa ngakho konke sthandwa engakusho kuwena futhi ngiyeza lapho bengifisa kukubona” kuzixolisela Sebenzile. “Ngempela Nini angisakwazi ukulinda ngikubone we have a lot of catching up to do Sisi bese ngikukhumbule awusho uyakhula umntwana” Asiphe wengeve jabule baxoxa wside isikhathi lesi begigitheka kumnandi bagcina bevalelisene wavala ifoni.

“What happened to she must find a hobby angifuni kukhuluma naye uyangicika” kubuza myeni wakhe ebemlinganisa ngokukhuluma. “Wena babakhe Kade ngakubona unesikhwele kodwa awufuni ukusho” kusho Asiphe. “Ingoba nawe ungithanda naso ” kusho Israel baxoxa Baze bazumeka behleka.

Ubudlelwane babo babuhle kakhulu bengamathe nolumi bengahlukaniseki. Baningi abazamile ukungena othandweni labo kepha bohlukela ngoba luqinile Kanti futhi nabo bayathembana futhi abanazimfihlo akukho abangaxoxi ngakho.