Dear Sibongimpilo

Ngibingelele nzizwa yakithi ngibonge kakhulu ngokungikhulula yize sungiphoxe ngokungayamukeli Mali yakho. Engifisa ukwazi ngizoyigcina uze uyidinge ngoba ngiyazi uzoyidinga.

Okunye muntu wenkosi ngixolise ngokukuxabanisa nomndeni wakho kodwa nawe kwakungamele khethe mina, umndeni uza kuqala. Bengithanda nokukwazisa kuthi leyampahla esekhaya ithathw ingeyakho eyemali yakho mina ngozokwenza zothenga okusha lapho emzini wabazali bami njengoba ngizoza nomndeni wami.

Ngibonge kakhulu ngongenzele Kona empilweni uThixo wokubusisa nawe ngenyimini futhi noma imuphi umuntu wesimame angakuthakasela ukuba nomuntu ofana nawe.

Obhalile :Sebenzile Mdunjwa

Emuveni kokuqeda Ukufunda incwadi aphefumulele phezulu bese ethatha ethi “uMaMzaca sewakwazi ukukhuluma nami kanje izinto zimanukwenzeka, kodwake akusenani angisasiboni nesidingo sokuphendula lencwajana yakhe”.

Asukume esitulwenu alungiselele ukugeza naye engalindele azithole esejulile ngokwemicabango ngowesimame asejwayele ukubonana naye nje ezindaweni ezihlukene. “Nkosi Jesu yini leyenzakala kumina manje kungani sengihlezi ngimcabanga ngimphupha” U-Sbongimpilo uyazibuza uyaziphendula. “Kwanzima okwami Jesu sengingaze ngicabangane naye pho? Ngoba ngithi nje akhekho ezingeni Lami futhi muhle kakhulu ngeke azavume ukuthanda umangcola onjengami,yebo yena hlezi eyinto eyodwa ekhombisa inhlonipho nomusa Kimi yize ngelutho kodwa yena…” Aphazamiswe ukunkonkotha lomuntu emnyango “ngiyeza”.

*Ubani Lona osehpezi esemicabangweni ka Sbonga baphupha ngaye?*