Kusebusiku Sebenzile qeda kulalisa umntwana usethi naye akaphumbule abukele mabona kude ngoba wayengakwazi ukulala ngaphandle kwesoka lakhe akhephelanga skhathi langena likhathele liyimvithi mayabhekisisa ngathi inkunzi idle amponjwana amanzi.

“Kodwa babakhe uphuza kanjani usazoshauyela? woza ngizokuvulela amanzi ugeze khona uzolala” kusho Sebenzile emtatamisa emusa ndaweni yokugeza nangempela wageza Baya kamereni kuthi esambekela izingubo zokulala athi ” Sebe” maqede ahleke anikine ikhanda ” yazi umfowetgu uzoshada kulelisonto esiza kulo Kanti futhi ihlala nentombi athi uyayikhohlusa eCape town”.

“Usho kuthini manje Mlotshwa”? Kubuza Sebenzile ngokumangala. “Yazi Nina Bantu besimame nibuye nibe zilima kodwake angikho lapho” amninkeze zinto zokugqoka bese eyaqhubeka nenkulumo yakhe “yazi Sbonakaliso unentombu ahlala nayo eKapa Kanti kulelisonto siyakulo uzoshada akashongo entombini yakhe”.

“Kanjani manje uyenza kanjani ntenjalo” kubuza Sebenzile enkgathazekile. “Hhayibo” usho nje uvula amehlo uyambuka besechubeka ethi “wabuza Mina buza yena sokuphendula” kusho Sbonelo. Wavele wahleka sakubhuqa Sebenzile wathi “Sthandwa Sami ngikukwenze lokho Kimi angani?”

“Good night my babe, soze ngakuphoxa kakhulu mina ngizokuphoxa kancane” washo kanje Sbonelo wavezilalela.

Wabumosha kakhulu UBusuku buka Sebenzile wayelibe ezibuza eziphendula ngomqondo ethatha ebeka kungekho okumcacelayo ngemicabango yakhe.