Mama nawe Baba othandekayo

Ngicela ukunibongelela kwazise sekunezinyangana singaxhumani. Ngibhala lencwadi nje angazi ngithini anginawo amaningi ngaphandle kokucela intethelelo Kini nonke mndeni wami ngibile isiphoxi sendodana.

Ngiqinisekile kuthi noDingiswayo lapho abalele khona abathokozi ngami, sengithembe yona iMvana Kuba isizongivula amehlo ingihlakaniphise. Ngizenzelule umthanda ngangalicabangela ikusasa ngadlala ngethuba lise khona, mndeni wami bazali bami ngiyazilahla lapho ezinyaweni zenu ayidle izishiyele ngiyaxolisa ngakho konke engakwenzi ngize ngibeka impilo kababa engcupheni ngilawulwa uthando.

Ngiziyisile kwanhlizo ngiyise ngenza ngentando nangemfuno zami kepha manje sengikwanqingetshe ingihlulile impilo angene ngempela amanzi endlini sengidonsa kanzima. Ngiyazi nizojabula ukwazi kuthi asisekho ndawonye sino Sebenzile futhi ngiyaqinisekisa ukuthi akukho okuyophinde kusihlanganise naye. Ebengizokucela kukuxolisela kungazififeli mathupha ekhaya ngizokhuluma nani boNyambose, ngizizwa nginamahloni angazi ngizonibhekelwa ibani futhi kanjani. Izeluleko zenu nezixwayiso zenu kulamalanga zindiza kakhulu emuqondweni wami kangangoba ngibona manje kuthi nginenzele phansi.

Nginethemba lokuba ngelinye ilanga ngiyoxoleleka yize izenzo zami zingaxoleleki. Sengiphetha nje nginesicelo esodwa kuphela Ukuba ngibuyele ekhaya noma ngabe ngizohlala ngaphandle nyicente ingceke akunalutho inqobo mangisekhaya futhi ngiyathembisa ukungabi umthwalo kinina ngoba kukhona amatoho ayaqhamuke ngiwabambe ngizokwazi kulekelela kwindleko nezimfanelo zasendlini.

Ngibonge kakhulu nine nempela sonto ethokozisayo.

Imina undodana wenu Sibongimpilo.

“Sibonge isibuyile inqondo kumfana wakho baba” kusho Solethu ebhuqa. “Akukaze kwakhuluma kanjalo, selibonile phutha lakhe sefuna kulungisa” kusho MaShandu unina kaSibongimpilo.

“Kona kumthathe isikhathi ukuvuka emaqandeni leyantombazane angiyifuni Kabi ikhohlakele,inobuqili ifuze ugogo wayo Wena nje Solethu hambo Landa mfowenu abuye azekhaya kwanamhlanje nje mengenzeka ngathi angalala khona lapha” kugcizelela uMthethwa okungu baba kaSibongimpilo.