Isahluko 2

“Kodwa mzala bungashongani kuthi uyeza ngajabula kukubona ayisazani” kusho Zanokuphila. Bavese bahamba baqonda endaweni eyayithengisa amatiye futhi yaye ikwazi ukwenza loluhlobo lwetiye oluthandwa Zanokuphila ngendlela ayayimthokozisa.

“Namanje usazifela ngeSpiced coffee” kubuza Sbonelo, “mtaka malume ayikho nteyosihlukanisa mna nalo kodwa ke asikho lapha ngami” amamatheke beseqhuba ethi ” njengoba uzogcagcelwa nje suhambile wayofunda indlamu ngoba ngagcina uyibhimbi lokuqina” baphele insini bobabili  ize kuvele elomhlathi baze babukwe abantu owangezi wayengathi abangani beminyaka okanye udade nobafo. “Sisi wami kuhle kukubona uhleka emveni kokudlula komyeni wakho phela indlela obusuyiyo bingasathokozisi neze” kushu Sbonelo.

“Nelo impilo iyaqhubeka naye bengeke athande kuthi ngihlezi ngimuncu bezokuthokozela ukuba ngiqhubeke ngiphile nami ngifeze amaphupho esasinawo” asho Abe phuza tiye lakhe bese qhiba ethi ” shonoke mfethu unjani Luvokazi angisamazi naye”. “Uyaphila futhi kuzokuthokozisa kuthi sezinhlelweni zokuza ezokubona njengoba sengizoza nezingane zami zonke ngapha noskwiza wakho soqala kabusha” kucuaza Sbonelo.

“Phela bese ngithi akamuthandi u-Anti wakhe njengoba engasezi nje” kuso Zanokuphila.

“Kanti lutho uyazifela ngawe nje yize wanqaba Kuba mama wakhe” kusho Sbonelo. “Usuqalile ke ngicabanga kugoduka manje I have a lot of packing to do as you know I bought a new home” kusho Zanokuphila. Wasethenge umuzi omusha waqashisa ngalona omdala abekade ehlala kuwona nomnyeni wakhe ongasekho emhlabeni. Wayezama ukubalekela isikhathi ezinhle zezimnandi ababenazo nomyeni wakhe. BenoSbonelo bahlanganiswa umngani wakhe uZanokuphila wasebuncaneni bakhe kuzw Kube manje lowo mngani wakhe kungumzala kaSbonelo ingakho naye emubiza ngomzala ukhule Esho njalo. Imindeni yabo ngenxa yobungani babo nabo baphenduka abangani osungafunga ukuthi izihlobo zegazi ngendlela ubudlelwane babo bayebubuhle ngayo, owayengazi wayengazaqinise athi bangumndeni.

“Akusizi ukubaleka Sisi omncance ngenyimini komele ubhekane nalo iqiniso uphole bese udlulela phambili” embamba isandla bese eqhuba ngokuthi ” njengoba ushiya umuzi wakho uzowashiya amabhizinisi lawa eniwasebenzele kanzima kangaka uyakhumbula kwakunjani niqala.

“Sbonelo I can assure ngiyazi ngenzani I need space and a chance to start afresh ngizame kuzimela futhi ngoba sobabili siyazi ukuthi uMfihloyengcebo bengeke avime ngibe ntekenteke kanje kumele ngisukume nginakekele imindeni yethu okuyinto abayiqikelela kacool leyo manjeke ngizoqhubeka lapho agcine khona” kusho Zanokuphila. “Hhayike Ntombi ngoba suyisigora kuhleke ngikwazi unjalo” kusho Sbonelo bahleke bobabili basuke bahambe bagoduke.

Endlelenu eya kwakhe uZanokuphila wayedlala umculo engcwele injabulo engazi ukuthi ivelaphi, ekumbula isikhathi abenaso nomyeni wakhe izinhleli abebekade bebazo ngekusasa labo. “Wafa Gcagcabane wangishiya, Kube kuya ngokwami sasohamba sobabili ngoba kusanzima ukuphila ngaphandle kwakho akujwayeleki” ukuluma nje imvula yezinyembezi iyazehlela.

“Jesu Msindisi wami ngiphe amandla okwazi kwamukela isimo ngendlela esiyiyo bese ngiba namandla okuqhubekela phambili nempilo ngifunde kuphila ngaphandle Kuka Lindabutho ngoba kusazobanzima ngiyazi iminyaka isidlulile kodwa inhliziyo isemuva.” Ukuluma nje uyashayela akanakile nokuthi sezofika emzini wakhe kuthe angafika nje athuswe ukubona umuntu ebengalindele kukubona.

*Ngokucabanga kwakho ubone Bani?*