Uvukile ekuseni ngenjabulo nokulangazelela ukuya etohweni lakhe elisha, nangempela anikele khona kodwa angamfici umnikazi womuzi kodwa ahlangane nonogada obesetsheliwe ngaye besemazisa kuthi yena seyagoduka ngoba sebenza ebusuku kuphela emini akubi nanogada ngoba kusuke kukhona owenza ingadi. Ajabule abingele bazisane kahle bese eyaleza Thuba Kkuba ekhishini akukhiyiwe ahambe ayokwenza kudla bavumeleke ukudla kahlanu kodwa wasemdonsa ngendlebe ukuba angangcolisi ekhishini ashiye kanjalo ngoba ingonyama izobhodla umlilo injalo nje inomuntu oyisizayo kodwa ufika kanye ngeviki. Bahle bavalelisane bese Thuba eqalisa ngomsrbenzi wakhe.

Umzwilili owawuphuma kuye wephimbo elimnandi Pho iyahlabelela yini lensizwa!

Kwakumangele no-Aunty wakwamakhelwane ezibuza kuthi ubani lona lazi kwenzenjani angcine ezijubile amemeze ebuza kuthi kwenzenjani wacula kangaka namuhla aphendule iThuba bese eyozingebela endlini.

Indlela ayejabule ngayo wawungathi ingane encane eqeda kuthola into ekuvame ukuthi inqatshelwe ukuyidla.

Kuthe Sibongimpilo esendleleni ahlangane nomuntu wesimame ayefunda naye matikiletsheni bajabulelane kwazise kade bagcinana. “Awushoke bhuti sewenzani manje empilweni” kubuza Lizeka, kuthi kuba mzukuzuku ukuphendula lowo mbuzo kepha aphethe ngokuthi ” akufani siyangcenga siyaphila alukho olubi namatoho ayavela kulezinsuke wena unjani waze wamuhle bo” kusho Sibongimpilo. Ngenjabulo amphendule athi ” Hawu siyabonga ekugcuneni uze ubone mkhulu ongabonwayo kodwa akusenani-ke” kusho Lizeka beseba nokudangala okuncane athi ” yazi ngike ngizibuze kuthi Kuba wangipha ithuba wamshiya Sebe ngabe sakwazi yini ukuzwana kahle ndawonye ngabe sikuphi manje” athule Sibongimpilo amubuke amehlo akhe agcwale izinyembezi. Kuvesane kuvuke lolasuku uLizeka ayemtshela ngalo kuthi uyamthanda kodwa yena wamtshela Kuba akabe nesimilo azihloniphe intombi ayikaze izishelele endodeni kanti futhi yena uthanda uSebenzile akaboni ethanda munye muntu akayozama kwenyindawo. Kuthe kusenjalo nje zabe zizehlela izinyembezi wazisula masisha.

“Ngiyaxolisa ngikwenziwe Sebe kuwena akukufanele” kusho uLizeka. “Kanti ungakhululeka impilo injalo nje awuhlezi utholq okufunayo mihla yonke” bahleke besethi Sbonga “singakwazi nje kuthi ngeviki elizayo siphume sobuka movie noma siyodla ice cream”. Amamathe uLizeka amubuke esathi usamphendula amphazamise Sibongimpilo athi “MaMponjwana ngicela ungixolele ngendlela engakhuluma ngayo nawe ngenkathu uveza imizwa yakho kimina nangokwenza kwami nje, indlela engathatha ngayo izinto ngiyaxolisa”. “Sibonga sengadlula lapho mna Kant futhi nawe ungazisoli alukho iphutha owalisho kodwa wakhuluma iqiniso futhi ilo elangakha ngafunda kulo. Eyokuya Ku ice cream angiliboni iphutha kodwa isonto elizayo lonke linezinhleli zalo” kuchaza Lizeka.

“Mama izinhleli ezinjani lezo” eshehleka U-Sbongimpilo bakhuluma nje abamile bayahamba noma behamba kancane bese ephendula kanjena “Ngizobe ngigoyile ngoba ngesonto umabo wami ngizobe ngiphelelelisa ukugcagca kwami”. Inhliziyo kaSibongimpilo mezwa lawomazwi ivesane inkenketge kodwa aziqinise besethi ” ngikufisela ukuthula nenjabolo emendweni wakho kuyangithokozisa kukubona ujabule”.

“Nami angikholwa ngangithi uzodlala ngami ngoba esbhedlela asebenza kuso mahle amantombazane futhi afundile ngaphezu kwami nokho kungeke kungithuse ukujola ngoba ngunkosikazi wesibili”kusho Lizeka.

“Congratulations Sisi bakuphathe kahle emzini” ehalaluselwa U-Sbongimpilo. Ubesemyaleza ngokuthi eze mshandweni khona ezobonwa myeni wakhe bese kuthi bese nesikhathi afike uzocela myeni wakhe amxhunise nomzala wakhe onenkampani zemisebenzi yabantu besilisa hleze angathola okuthize. Bavalelisane ngoba esefikile Lizeka kulomzi abeyakuwo bese behlukana Sibongimpilo achubeke ngendlela yakhe