Nithi ekhaya kithi kukandlwana,

Ubani onibuzile ukuthi ekhaya kuyalanjwa?

Ubani ongazi ekhaya ikati lilala eziko,

Nezimbiza zasekhaya azisalazi iziko,

Bathi ekhaya sidla imbuya ngothi,

Nkombose kababa itshe limi ngothi,

Silambile thina abanye bavungula ngothi,

Usibona singangothi lomshanelo silambile,

Ngeliny’ilanga siyogaya nidakwe umqombothi,

Ngiyafung’angeke somel’othin’okwentethe,

Bath’ungabona ukuthi kubo kunjani,

Enibatshelayo nibatshelela ukuthi kubenjani?

Lezizindlu ezidilikayo ziyikhaya kimi,

Noma zidilika lezindonga kusekhaya la,

Nikhumbule akuvelwa kanye kanye,

Ningakhohlwa lomhlaba uyajikajika,

Lithath’osemsamu limubek’emnyango,

Obesemnyango azithol’esesemsamu,

Kanti nokujabula bathi kuyashintshana,

Ningalibali nesinamuva liyabukwa,

Konke kunesikhathi sakho mtakababa,

Usizi nenhlupheko kuyababa mtakababa,

Lenhlupheko yaqala kushona umama nobaba,

Lenhlupheko asizibizelanga izizele,

Sizolwa nempilo impumelelo ize ivele,

Thina uma silele basilunguza ngemifantu,

Kanti nonyezi siyawubona ophahleni,

Akuphikiwe thina siyazihluphekela,

Ungaze ufunge siphilela inhlupheko,

Ungaze ufunge ukuthi soze uhlupheke,

Nize nazi nath’asiyithandi lenhlupheko,

Ngamanikiniki thina siyanikizela asinankinga,

Lenhlupheko thina isilethela izinkinga,

Ihlupheko thin’iyasibambezel’abanye bayasidlula,

Kungokomzuzwana nje konke kuzodlula,

Lolusizi nenhlupheko kusazodlula,

Nabanye basidlula ngathi abasazi,

Basaba iphunga lenhlupheko phela kabayazi,

Zisazojika izinto mina kangingabazi,

Ukuthi kuyobe kunini nami kangazi,

Ukuthi ziyojika kanjani nami angazi,

Lelikhay’olidelelayo kusekhaya uma ungazi,

Lisazoshintsha ngiyazi mina, wena bewungazi,

Noma singenalo iqhude nasekhaya kuyasa,

Kusa kusa sihlobo sami, uzobona kusasa,

Amagama akho aziswana uzowagwinya kusasa,

Nathi sizovuk’endlini kaNokusho kusasa.