ZINYAWO ZAMI NGIBELETHE

Yimi ,uBaliwe noKhethiwe sithunywe uKhulu ukomthezela izinkuni kwazise sebungene ubusika. Sihamba nje endleleni siyalandelana siwela isihoshana sokhuphukela egqumeni la okujwayele ukwelusela khona abafana. Sihamba nje siyaqalaza ukuthi akukhoni okungozagoswana esizokuthatha sihambe nakho, sesethuswa ixoxo liyagxuma gxuma likhombisa ukudlala. Konakale lapho sesishiya khona izinkatha zethu zokubopha nocelemba sesijahana nexoxo.Libaleke liyoziphosa exhaphosini. Mamo! maqondana nexhaphosi kuhlezi ufeleba weBululu litshakadulisa ulimi. Asibuzanga elangeni nalo nalo wathi zinyawo zami ngibelethe.