UZE UNGAKHOHLWA

Mntanami ngikwethembile.

Njengoba usungishiya uyeNyuvesi uzungakhohlwa.

Mntanami besingenakho konke,

Mntanami bengiwa ngivuka nawe.

Wena uthandwa yimi,

Uzungakhohliseki kozobathola phambili,

Mntanami ngingunyoko,

Mntanami nginguyihlo,

Oyobafica phambili uze waz’uthando lwabo aliyakwendlula olwami.

Ngikukhulisile ngakufundisa,

Mntanami umhlab’uyahlaba.

Uzungakhohliswa abafana bethi bayakuthanda,

Uzungakhohliswa othishela bethi bazokuph’amamaki,

Uzungakhohliseki mntanami ngicela uhlale ngentombi.

Uzungakhohlwa ukuvikela inkomo kamama.

Ingeyam’isikhiye uyosinikwa yimi mntanami.

Uz’ungakhohlwa nayimi uqobo .

Ngiyakuthanda uziphathekahle mntanami,

Ibhayibheli alibe isinkwa sangemihla,

Ungayikhohlwa nendlu kankulunkulu ayivalwa kepha ihlale ilinde wena kuyo.

Ungakhohlwa ukukhulela mawuvuka noma ulala.

Uze ungakhohlwa.

ibhalwe uMakhosazane Ndwandwe Shwala