YAZISA UYIHLO NONYOKO
Mzukulu kunencwad’ebhayibhelini eyakha wen’uqobo,
Lencwad’inamavesi angamashumi amane,
keph’ivesi engilikhethele wena lisemashumini amabili,
Kepha wena uyofunda kunombolo yeshumi nambili,
Lencwadi ngiyikhethele wena Mzukulu Wami,
Lencwadi ngifisa uphile nayo Mzukulu Wami,
Sengath’indlebe zakho zingezwa,
Sengathi nenqondo yakho ingabamba,
Unkulunkulu wakho wokuqala uyihlo nonyoko,
Impela mzukulu sikhule sibangaka nje salalela yona lencwadi.
Yafik’ezindlebeni zethu yagxila nasezinhlizweni zethu,
Sakh’imizi yakheka mzukulu ngokugcina imiyalo yabazali bethu.
Sengathi neyakh’inhliziyo ingayilonda ingunaphakade.
Mina Mzukulu ngiguge ngingaka nje ngahlonipha,ngalalela.
Sengicela umdali ukuthi okungenani ufuze mina,
Mina Mzukulu ngiguge ngingaka nje namanje ngisakhothama,
Namanje Mzukulu angimbheki umntomdala emehlweni,
Namanje Mzukulu angimphendul’ingamagama aziswana,
Namanje Mzukulwana wami angimbipheli umntomdala,
Angiphathi eyokumthuka,neyokumbek’isandla,
Uzibangela amashobol’uqobolwawo.
Mzukul’ibheke lencwadi uyifund’imihla ngemihla,
Izokwenz’umunt’ebantwini.
Uyophil’inguna phakade.
Ibhalwe uMakhosazane Ndwandwe Shwala