Mina ngangiganiwe nginomuzi

Ningangiboni ngihlala emjondolo owayo.

Mina ngangibuzonda utshwala

Inkinga zomshado ezangifaka otshwaleni.

Ngadela umuzi nezingane zam

Imfuyo yam nengadi yam.

Njengobani owayengakuthokozela

Ukungalali ubusuku nemini?

Njengendoda ngabona kungcono

Ukuhlala ehlathini kunasejele.

Ngaxoshwa ngo vuka sikhulume

Owawungena mini nabusuku.

Ngangizace ngingangothi

Ukuhlala ngibingelela imantshi.

Noma uwa umjondolo wam

Unomoya wokuthula.

Sala kahle vuka sikhulume

Asiyikuphinde sibonane.

Ngangingazi ukuthi impilo

Izobamnandi ungekho.