Wake wayibonaphi into enje?

Kulezinsuku esiphila kuzo sesabulawa ilaba esibabiza ngomndeni

Igazi selazifanela namanzi alisathi shu nakancane

Sekwaba izitha ezisinika umfutho okudlula Igazi lethu

Sekwaba abangani abaseseka okudlula umndeni wethu ngoba sicindezelana sodwa ubezwe bethi

Ngoba eyini yena ezophumelela kuqala kunami?

Sesafunda ukuthatha imali yokugcina yesinkwa sihambe izinyanga ngoba sifuna ukuvalelana sisodwa sincamele indlala

Sesafunda ukukhaphelana sihlala ndawonye

Sesahlonipha laba abasebenzayo kuphela egcekeni thina esingasebenzi sesabizwa ngathi kubizwa inja ezonikezwa ithambo elimfamfathiwe

Sesafunda ukuthanda usbani bani ngoba umama wakhe uyena osebenzayo egcekeni thina abanye sibuzwa ukuthi izinja zigezwa nini?

Sesanqena nokugoduka makuphela unyaka ngoba uyazi kunalaba abahlala endlini njengekati thina silale phansi kwezihlahla sishaye umkhulungwane

Sesajabulela ukuya esikoleni hayi ngoba sijabulela imfundo kodwa ngoba sijabulela ukuphuma ekhaya sithole ithuba lokuhleka usuku lonke

Wake wayibonaphi into enje?

           Philasande.P.Ntshangase