Wake wayibonaphi into enje?
Kulezinsuku esiphila kuzo sesabulawa ilaba esibabiza ngomndeni
Igazi selazifanela namanzi alisathi shu nakancane
Sekwaba izitha ezisinika umfutho okudlula Igazi lethu
Sekwaba abangani abaseseka okudlula umndeni wethu ngoba sicindezelana sodwa ubezwe bethi
Ngoba eyini yena ezophumelela kuqala kunami?
Sesafunda ukuthatha imali yokugcina yesinkwa sihambe izinyanga ngoba sifuna ukuvalelana sisodwa sincamele indlala
Sesafunda ukukhaphelana sihlala ndawonye
Sesahlonipha laba abasebenzayo kuphela egcekeni thina esingasebenzi sesabizwa ngathi kubizwa inja ezonikezwa ithambo elimfamfathiwe
Sesafunda ukuthanda usbani bani ngoba umama wakhe uyena osebenzayo egcekeni thina abanye sibuzwa ukuthi izinja zigezwa nini?
Sesanqena nokugoduka makuphela unyaka ngoba uyazi kunalaba abahlala endlini njengekati thina silale phansi kwezihlahla sishaye umkhulungwane
Sesajabulela ukuya esikoleni hayi ngoba sijabulela imfundo kodwa ngoba sijabulela ukuphuma ekhaya sithole ithuba lokuhleka usuku lonke
Wake wayibonaphi into enje?
Philasande.P.Ntshangase