Ingabe luyini uthando?
Umuntu, isilwane, ukugula thizeni mhlampe?
Thando lapho ukhona usihlukumezile.
Ng’lalele kahle awunasiphiwo awunasabelo.
Usishaye engeqiwa ntwala ingozi.
Hha thando uzibukisile ngathi
Usenzile sadlala endimeni sihubhana nawe

Thando ingabe unayo yona imizwa?
Uzalwa ubani khona okwempela?
Inhliziyo Yona unayo?
Kodwa hhayi angiboni!
Khuphuka lapho ezintabeni zokhahlamba usibulale vele uqedile ngathi.
Thando uzibukisile ngathi