Siphuma emzini yobaba,
Ezibayeni zamadoda
Siyofuna amatoho ukuze
Sixoshe lelikati eleli lele eziko,
Lapho lingesalele selakhile.

Ma -Africa amahle ,
Sizwe sika Phunga no Mageba ,
Ezweni ngyashweleza .
Esizweni ngiyacela ngiyanxusa ,
Yekelani ukuhlukumeza abantu besfazane !!

Senzeni Na ?
Efakaza owesfazane thizeni , ethi “umyeni wami ungiphethe ngesandla sensimbi mangithi ngyababikela abomndeni bathi angithule umphakathi uzothini?”

We madoda!
Ubani othe nimaqhawe uma nibulala abesfazane??
Uma nibulala izimbokodo nithi lelizwe loqhakaziswa obani??
Uma nibulala abaholi bakusasa nithi lelizwe lobuswa izilwane kanti isiqiwi yini?
Lifa elikamthaniya sibuka!

Mvelinqangi ngedolo ngiguqile ngiyathandaza .
Baba kusendle kulomhlaba ,
Izingane zakho ziphenduke izilwane zibulalana zodwa,
Abesfazane bahlukunyezwa ngaphansi kwegama lothando,
Mvelinqangi nqanda nobugebengu buzivezile kuthi bude kunengalo yomthetho.
Simakade ngokuba lombuso namandla nenkazimulo kungekwakho
Senzeni Na?