Mkhuhlane wawungibambile ,
Ngilibhekise estolo ,
Wangibonela kude ,
Wangibuka sakungitshotsha
Ngeza ngishaya kancane okonwabu ,
Emile nabangani bakhe,
Lashaya kancane uvalo

Phela induku enhle igawulwa ezizweni,
Ngangine nyangana ngisanda kufika endaweni.
Wangibuka kancane wangicela uxolo
Nhliziyo Yami yagxuma gxuma ,
Oh! Ayisazi…
Engakhali ifela embelekweni ,

watatazela kuhle kokungisiza .
Ngathi sengihamba wangibeka izinyawo .
Baningi babewabeka amagama
Kodwa ngalolusuku yena awakhe ahlukile kwawabanye…
Wawabeka amabili amathathu

Kwashikisha ufudu ,
Phela ngintombi yakwabo ,
Wathola Yona nombolo yocingo ,
Nhliziyo Yami yamungabaza ,
Ithi ingaba nkulu ingazekeki …
Wangithinta ngocingo izikhawu ,
Ngezwa injabulo engaphathi Kimi .

Valo lwashaya ngamandla
Wabuya washabalala njengamazolo ebona ilanga ,
Ngamudela ngokomoya.
Ngoba alikho elingashoni lingena ndabazalo ,
Wabuya njenge yoyo.

Wawabeka amabili amathathu ,
Wawabeka amabili amathathu,
Kwashikisha ufudu ,
Thando Kanti unjani monje?
Ngavuma kwaba injabulo yodwa
Ngoba akukho muzi ungashungqi ntuthu.

Kwabakhona ungaboni ngasolinye ,
Kwahlukana inhloko nesixhanti
Imeko Yaba semaxongo …
Kwaze kwaba ikane …
Heee ! Kazi yozala nkomoni kuloluthando ,
Uyadela mfazi ongazalanga
Le ngiyoyixoxela amagwababa egcobana

Wangaphela umoya mfana ka Zondo
Wayibamba ishisa injalo
Nami ngayibamba ishisa
Ngabe sikude sinaye
Vele isina mumva liyabukwa
Ebuhleni nasebubuni simile ndawonye
Noma indlela inameva kodwa…

Thokolo themba amathunzi eseyewukela
May the universe bless us and our love