Hhayi kuhlupheka mina sengikuzwile!

Hhayi kuhlupheka mina sengidelile!

Hhayi kuhlupheka inkani kimi isiphelile!

Wonke amaqhinga namaceb’ ami uwashafisile

Mina ngife ngiyphila le mpilo ngiyiphilile

Njengesosha ngiyilile kodwa amandl’ aphelile

Ukutinyela kodosi lwakho kuzwakele

Kwelincane ibhodwe wena ungiphek’ ungithulule

Sengize ngithambile, ngithambile lushรบ

Hhayi cha kuhlupheka sekwanele manje

Yingakho ngimemeza manje, ngithi:

“Kuhlupheka! kuhlupheka! sengivuthiwe!”

Njengenkosi phezu kwami ubusile

Ezweni lokuhlupheka wen’ ungithumbile

Kwelabahluphekayo mina ngiyisigqila sakho ungigqilazile

Sengiyacela,kuhlupheka sal’ usungikhulula manje

Nami ke ngikhombe ngophakathi kube kanye nje

Sekuyiminyaka ngidl’ imbuya ngothi

Ngibhodl’ indlala eseyingibangel’ ulaka isikhathi

Sal’ ungidedela ngihambe ngiy’ empumelelweni

Phel’ impilo yam’ uyiphendul’ inhlekisa ngish’ ihlaya

Mhlawumbe sengiyanhlanya ngish’ ukugula ngekhanda

Nami kule nkondlo ngibukisa ngawe ngiyakuchaya

Ngikwenek’ obala kule nkondlo ngihaya ngawe

Umhlaba mawazi ukuthi nginjena-nje kuhlupheka ndini nguwe!

Ngoba hlupheka ubukisile ngami, kuhlupheka mina ngivuthiwe!

Ibhalwe ngu:

S’thembiso Sydney Msezane