Ngiyamesab’umuntu
ngokub’incwad’engafundeki.
Uzohlek’avez’elomhlathi mayek’bona,
Ze ungazikhohlis’uth’uyakuthanda,
Siphila naz’izimpis’ezimbeth’isikhumba semvu.
Qaphel’umkhohlis’omkhulu .
Uzokhuluma naw’um’ekbona,
Wasithela wazishiy’useyokhuluma ngawe.
Um’ulibel’uzoth’unendab’umuntu
kant’uzisengel’izindaba zehora lomgosi.
Ngiyakuxwayisa ngomkhohlis’omkhulu.
Abangigil’isilo sengubo beza behleka,
Bathe behamba bengikhihl’esikaNandi.
Ngizibonil’izilwane kodw’esikumunt’angisazi.
Kwaf’umuntu nobuntu bakhe,
Kwasal’izilwan’ezinemizimba yabantu.
Sab’isilwan’esingumkhokhis’omkhulu.
Ngesandla somuntu sengaphenduk’intondolo,
Yenqaba nami Somandla kanye namathong’akithi,
Ningivikele kulab’abafun’ukungihlinzel’ezibini.
Ngivikeleni kumkhohlis’omkhulu.
Bathi yakhela ngamaqub’enye,
Siyabaz’abanothiswe imfudumalo yezithukuthuku nezinyembezi zabanye,
Angiykhulum’eyabachith’igazi labanye,
Ukuze bacaphune kusale.
Phel’ugotshwa usemanzi,
Angithi sebabulal’unembeza kubona.
Mhlobo wami ngale komuntu kukhon’umkhohlis’omkhulu.
Themb’itshe kunokuthemb’umuntu.
Bafika belungile kanti bathi,
lala lulaza sizokwengula,
Ngoba kulele kunye kuzozwa ngetshe okwenyoni.
Ihlekisan’ihlomelene mnewethu.
Isala kutshelwa sibona ngomopho,
Um’ungakwaz’ukuthi
Umunt’umalal’ephenduka,
awehlukile nesathunywa ugwayi sabuya nomquba.
Phila nabantu kodwa ungaphiki nabo
ngoba umuntu ngumkhohlis’omkhulu.
Uma ngingakulandisa ngezenzo zomuntu
Uyobamb’ongezansi.
Nank’umphako wendlela yempilo ngane yami.
Abusekh’ubuntu nothando luyingcosana,
Umunt’akasazihloniphi siqu sakhe,
Kumuntu lindel’inzondo, ubuxoki, ubugovu, ubuthakathi, amanga umona nethuna.
Uzokukhohlisa umkhohlis’omkhulu
Isitha sakho sihleka nawe.
Phil’impilo yakho ngaphandle kokuncika kubantu,
Soze bakuthande bonke,
Bayekele bakuzondele ubuwena,
Unak’okhuluma nawe ukhohlwe okhuluma ngawe,
Ze ungam’libal’umkhohlis’omkhulu