Vula amasango ngingene yimi ngimelangaphandle kwenhliziyo yakho

Vulinhliziyo ngingene ngehlel’ekujuleni

Ngihlale nayo ngiyixoxele ngiye ngiyichazele ngothando idele ezibilini zayo

Ngitshale imbewu yothando lwaphakade

Ungabe usawaphosa buqamama amaqhaphelo vumel’inhliziyo ivule igumbi

Lapho kuhlala khona uthando

Noma kwenyukela ikhona indlela kwathando ngifisa ukuba umcabango kuwe,Ngizibone ngidweba uphawu lwenhliziyo kuwe,ngizidele ngengaphakathi ngiphile kuwe..

Uthando lwethu ngifisa lunabe nezimpande

Ukuze luhlobe ngaphakathi luphinde luqine

Tshel’ingqondo ingilandele silandise inhliziyo ngothando eliqukethe

Masiqale ngamalangabi omlilo elivutha

Ngawo kweyami behla ngawo wonke amalungu omzimba lungilinga

Ngiyivimba ingqondo seyicabanga mawala

What do we do maybe we do the I do’s i do love you do you