Umakhalekhukhwini awusakhal’ekhukhwini,

Ngomakhalekhukhwini sekuphuma izidumbu,

Izinkundla zokuxhumana zibenze baxhumana,

Lendaba yaqala kucelw’inamba yokuxhumana,

Babekelana nezikhathi zokubonana nokuxhumana,

Omunye wakhohlwa isikhathi sokuxhumana,

Uth’abasathandani kodwa bona basaxhumana,

Babekelan’imigomo nemibandela yezokuxhumana,

Banikan’izithombe zangases’ezinkundleni zokuxhumana,

Vele laba basathandana ngases’ezikhundleni zokuxhumana,

Ezinkundleni zokuxhumana yena uyangiphika,

Uma ngimubuza ngokungcola kwakhe yen’uyaphika,

Nenombolo eshayayo akayazi yen’uyayiphika,

Uthi umshayi ugeje inombolo yena uyaziphika,

Lomuntu uthi uyangithanda mina ngiyaphika,

Amagama asho okunye izenzo zona ziyaphika,

Ofonayo akamazi kodwa mina ngiyaphika,

Bengithi mina ngizitholele umasihlekisane,

Umakhalekhukhwini wakhe iwon’omuhlekisayo,

Kulolucingo kukhulu yena okumuhlekisayo,

Angihleki mina kukhona okungihlekisayo,

Kuyangihlekis’ukuthi angimthol’ocingweni mina,

Ngiyamazi yena uhlala esocingweni njalo,

Kungihlekisa maqede kungicobe amathambo,

Imizwa kayikho kusele inyama namathambo,

Engimthandayo udlala ngemizwa yami,

Ezishelini zakhe mina ngingumphikwa,

Sonke siyazi vele icala umphikwa.