Allow me to tell you about my mother, my dad’s significant other,

UNkosikazi, INdlovukazi efanelwe ubukhazikhazi

Umama ongangingenela emhlamjini wezingonyama engangqikazi

Intandokazi yezulu eyagana umzulu yazala ibhungu

Insika yempilo yami, isizathu sesasasa lami, ugogo wey’ngane zami,

Isthandwa sika baba, umuntu ongangenzela konke ngaphandle kwezaba

Uthando analo ezinganeni zakhe luzamazamisa umhlaba lugudle izintaba

Ukube uthando angipha lona luyadliwa ngabe nginomkhaba