Ulwandle lwababona
Umfula iJordani lwababona
Begcwele inkazimulo ephakathi
Kwabo uJehova .
Lwavuleka ulwandle
Umfula wahlehlela emuva
Wayesefikile uJehova
Begcwele inkazimulo
Babengahambi bodwa
Ephakathi kwabo uJehova.
Lwavuleka ulwandle
Umfula wahlehlela emuva
Abantwana bakwa Israyeli
Bagcwele inkazimulo
Babengahambi bodwa
Ephakathi kwabo uJehova.
Uma ungezekhona umdala
Wezinsuku asikho isimo
esingamlaleli
Sonke isimo siyamlalela.
Ulwandle luyamlalela
Umfula uyamlalela
Wahlonishwa yindalo
Asikho isimo esingamlaleli.
Sonke isimo siyamlalela
Nesakho siyamlalela.
Uma ulibiza igama lakhe
Ngokukholwa.
Sonke isimo silalela izwi lakhe.
akahluleki uJehova
Ulalelwe ulwandle
Ulalelwe yindalo
Nesimo sakhe siyalazi izwi
lakhe.
Uma ulibiza igama Lakhe
Ngokukholwa.
Ungesabi uyabuya
Uma sekukhona yena
Umdala wezinsuku sonke
Isimo siyamlalela.
Sonke isimo siyamhlonipha.
Ibhalwe ngu sonto Anna hlophe.