Namuhla Uma ngibheka emuva ngifikelwa unyembezi,
Ngizibuze why uNkulunkulu engithathele eyami nkanyezi,
Umuntu ebengimthanda ngaphandle kokuzenzisa,
Umuntu obehlezi esabela noma yinini uma ngimubiza,
A person who sacrifices everything to be with me,
Just ukubonisa ukungithanda ngimbize umfazi wami,
Besihlezi sihleka kubemnandi Uma egone kumina,
Ngithi ukumdlalisa mbijana qede sigconane,
Ubenqamula izintaba nemimango ezobona mina,
Yize besibuye sixabane njengazo zonke izithandani,
Mara indima yobukhosikazi kimi uyidlalile,
Kwale noma abantu bebangikhuluma befuna sehlukane mara wabekezela,
Kwale noma abanye bebazama ngayo yonke indlela yokumcindezela,
Mara yena elakhe iqiniso ubelimela,
Ubehlezi esho athi Dizzmar mina ngikuthanda ngampela,
Mamotloung rato laka ke ko kgopola sewuri “
Ngiyohlezi nginawe noma kusinda kwehlela,”
Bekaba unurse wami noma yinini Uma ngikhwehlela,
Umuntu onjengaye kweyami impilo ngiyohlezi ngimeswela.
Bengithi noma ngenza amaphutha bekangixolela,
Kwaze kwaba ngabangani abalunqobayo uthando lwethu,
Ukuhlukana kwethu azange kuliqede uthando lwethu ezinhlizweni zethu,
I will never forget the day I received a call,
On the 29 January 2022 kuthiwa emhlabeni undlulile,
That day broke my heart into pieces , I nearly fell,
Ngazibuza kungani impela mina ungishiyile?
Ngoba uyazi nje besiyihamba sobabili lendlela yothando,
Kungani mina ungishiye ungavalelisile?
Ukubalisa akusizi uhambe Kahle thembalami,
Usuyofike ungibulisele kundodana uThembalethu,
Umhlaba unganifihla nje mara enhlizweni nihlezi nikhona,
I hope one day siyonibona,
Ngoba kangingedwa mara ngisele no Gugulethu.