Ngangingeve ngiyingane ezithulelayo eskolen i ,umsebenzi wami wesikole ngiwuqikelela ngasosonke iskhathi ,nothisha bengikhonzile kakhulu njengoba ngangiwuhlonipha umsebenzi wami.

Langa limbe ,ngavuka ekseni ngilungiselela ukuya eskolen ,ngagqoka ngaqeda uma ngiphumaa ngesango ngezwa sekuthi ganka ! Imoto phezu kwam ,umqondo wazula zula bhu phansi mina ;ngaphaphama esbhedlela .Ngaxilongwa, ngaxilongwa kodwa izinkakha zodokotela nabahlengikazi abazange bathole ngisho ithambo leli eliphukile noma elaba nenkinga .Kwabathusa kakhulu lokhu abazali bami uma bezwa ngoba babemangazwe indlela imoto eyangishayisa ngayo.

Zadlula izinsuku ngabuyela eskoleni ,nothisha bami babejabule ukungibona ngiphila ngiwumqemane, kwazise phela nabo babethukile uma bezwe indaba yokushayiswa imoto ngaleyandlela.