Thingo lwenkosazan, elisula inyembezi zamakhosi Kanye nabafokazana. Sbani esikhanyisa ebumnyameni kanye nasekhanyeni kuhle kwelanga esibhakabhakeni. 

Uyinkanyezi yokusa, inhlansi yethemba lamathemba ami. Uyis’phala phala sentombi esinamazinyo awuthotho, estalabhela ngemicondo.

Uthingo lwenkosazan, elisula inyembezi zamakhosi Kanye nabafokazana. Ugijimisa ingqondo ngoba imicabango yakho ijulukisa ubuchopho, ifudumeze imithambo nakhu sengigijimelwa yimizwa.. Yazi uthando luyavutho…? 

Sengi yehle inkalo nganyuka intaba kanye namaquma ngifuna Uthingo lwenkosazan elisula inyembezi zamakhosi Kanye nabafokazana.