Sengilobile ngahaya kwathuleka,

Zagiya zajokola nezitha zami mangihluleka,

Ingqondo yami seyalal’ amazolo,

Kayisakwaze kucabanga seyadlal’ amazondo,

Kuyaye kuthiwe Kuba mnyama kakhul’ Uma sekuzosa,

Nekhandlela lami selilokhu lilokoza,

Akucacile nom’ eyam’ impumelel’ iyacothoza.

Sengilala ngingalele ngifunana nekusasa,

Kuluvindi kusobal’ abakhunkuli bamatasa,

Ngimanqika mhlampe kuyothiwa nedlozi lifuna ngiyothwasa,

Bengihlezi ngithi ngibuya ekasi ngiyiphanta,

Kepha kusobal’ukuthi cha ngiyimpatha.

Mpumelelo Yami wayaphi?

Kunini ngehla ngenyuka ngikuqalaza,

Kudala ngizula ngikuthungatha,

Kepha awubonwa nangokhalo,

Sondela mpumelelo yami

Kumin’ uzothol’ impatho,

Ngamafuph’ uyobe wendel’ esokeni.

Mpumelelo Yami wayaphi?