THAND’UKUPHILA ZOND’UKUFA

Ncekuyami kuhle ukuphila kuye,

Mzalwane Wami kuhl’ ukuthande ukuphil’ ufund’ukuphilelana nabantu.

Kholwa elihle phila uphilise nabanye ngokubakhulekela,

Kuhle ukwethembela kuNkulunkulu ngoba Nguyen’s osinika nosandisela izinsuk’uzokuphila.

Thanda ukuphi noma udinga weswela,

Thanda ukuphila noma bekuzonda bekuthuka,

Thanda ukuphila noma befunge bagomela,babopha,bakhwifa.

Zond’ukuf’akunanzuzo.

Zond’ukuf’akunalikusasa,

Mus’ukujaha ukufa uze uzame ukuzibulala,

Nabafileyo akulula bafinyelele ezulwini,

Ungashesh’ufunukthatha impilo yakho isikhathi singakafiki.

Munye kuphela ohlelayo nowaz’izinsuku zokuphila kwethu.

Nasebefile bayafisa ukubuya bezophila kabusha,

Nasebendlulil’emhlabeni abayifisindaba phela uhambo lude lujulile.

Asiguqe ngamadolo ethu,

Akesicel’ukuthandukuphila sikuzond’ukufa.

ibhalwe uMakhosazane Ndwandwe Shwala