Ngitshelwe kakhulu ngala mazwi angisafuni kuzwa lutho ngawo.

Bathi kuli hlazo ukukhulelwa usemncane.

Kushukuthi kumelwe silishayele ihlombe elithi Abortion.

Ngempela mina angisazi.

Uma ukubulala umntwana oyihlule kuyiqiniso,

Pho sihluke ngani kubabulali?

Sihluke ngani kubantu abaphula imyalelo eyishumi?

 

Naze nawathwala amathuna ngemizimba yenu bantwana bami !

Ngihlangane nomunye udadewethu,

Uthi usezame konke okusemandleni ukuthi impilo iqhubeke.

Ababonayo bathi ubelethe insizwa esindala ethwele iziqu zobu dokotela.

Bathi lensizwa iyakhuluma ithi :

mama Nami akukho lapho nginaya khona.

uma wangincisha ithuba lokuphila ,

kungani kufanele ngikuxolela?

Ukube wamnika ithuba umfowethu ngabe ungumongameli oqotho.

Yena uthembekile ngoba asilali singadlile nomthandazo.

phoke umuntu uma ehlala lapho Kwaphumela khona umphefumulo wakhe,

kungani mina kufanele ngiphume kuwena?

lapha engikulinde khona kusekhaya labantu abaxegelwa isimilo benikele ngonembeza kubantu besilisa.

kusekhaya labavika ngentando yeningi besindwa ukuphila kweqiniso.”

Ngifikelwe umunyu ngahamba.

 

Umntwana isipho esivela kunkulunkulu.

Okwakho ukungaviki ngomntwana umhlaba mukwehlula.

Wena unenhlanhla ukhona oyokuzilela.

Abanye abantwana bangcwatshwa bangazila

Ingakho namashwa ethi ngi la.

Abanye bathi: “kuhle ukusheshe uzale uqede icala kunoku qedwa umhlaba usasalelwe icala.”

Uma sadalwa ngomfanekiso kankulunkulu,

Cishe naye unesono ngokusibiza ngomfanekiso wakhe ingakho esithatha sibancane.

Angisamangali ukuthi lemfundiso siyicoshephi.

Ngoba abanye benu bazishaya isifuba ngokungabi nezingane kodwa balandelwa amathunzi amnyama adinga ukuphumula.