SUKA KUNGU EMEHLWENI

Sekwanele pheza usuke,

Sewungibambezele qeda usuke,

Sekonakele kakhulu suka kimi,

Sengilimele ngiyopha bengingaboni,

Suka kungu emehlweni.

Ngimthanda kanjani engishaya?

Ngimthanda kanjani engithuka?

Ngimthanda kanjani engihlekanisa nezwe?

Kanti unjani thando uvalana amehlo?

Suka kung’emehlweni ngibone ukukhanya.

Kwala sebengixwayisile ngawe kodwa ngiyaqhubeka.

Impela isalakutshela sibona ngomopho.

Kwala bengiqwashisa ngawe kodwa angiboni.

Cha impela kungu suka emehlweni.

Kanti ngiyohlanza ngedela masekwenzenjani?

Mhla wangikhiph’amehlo?

Mhla wangisusa amazinyo ngesibhakela?

Cha lomuntu akangithandi loluthando elokwenziwa.

Ngisithiwe ngiyakhal’ubusuku nemini kodwa ezam’inyembezi zesulwa ngamanga nami ngikholwe

Suka kungu emehlweni ngibona nami ukuthi loluthando ngish’emaphusheni alukho.

Ibhalwe uMakhosazane Ndwandwe Shwala