Uthakathiwe yini na!
Noma uthathekile na!
Ngiyabuza ngoba
Ziningi ezomhlaba
Zingulwandle ziyadidana
Othathekile bathi bathakathiwe
Badidwa yizo ezomhlaba
Kanti yibona nje
Abazibizel’ amashwa
Nemimoy’ emibi
Baziphendul’ izibi
Zalomhlab’ ongalungile
Ogcwel’ abathakathi
Abangenaw’ amandla
Andlula ewakaMdali