Inkumbulo iyangibulala 

Emandlebeni ami kukhala igama lakho 

Lisho liphindelela angazi ukuthi ngithini 

Impela ngiyakuthanda sthandwa sami

Lamaga akho ongibiza ngawo ayaphindelela amemeze emandlebeni ami

STHANDWA SAMI 

MUNTU WAMI

MAMA WABANTWANA BAMI

Kodwa yini lento oyidlayo noma oyenzayo engenza ngikuthande kangaka 

BABA WABANTWANA BAMI

Sthandwa sami ngiyakuthanda 

Abantu sebekhulumile baba baningi bathi ungifakele idliso kanti cha 

Sengize ngaya nakwizangoma ngicela bangikhiphe leli dliso

Senginqume ngaphalaza kodwa lutho ukuphuma lokuthando

Sengibone kahle ukuthi impela uyangithanda MUNTU WAMI

Ngiyabonga!!