Sekuza kwakhanya

Nami umdali useze wangikhumbula

Nezami izindlela zize zavuleka

Phela kukaningi ngikhala

Ngempela izinyembezi aziweli phansi

Nayi eyami imikhuleko iseze yaphenduleka 

Ngempela nami umdali useze wangikhumbula

Phela kukaningi ngithandaza,

Ngikhuleka, 

Nginxusa,

Kunini ngikhala

Ngempela nami umdali useze wangikhumbula

Nakhu phela sekuze kwakhanya!