Sekuza kwakhanya
Nami umdali useze wangikhumbula
Nezami izindlela zize zavuleka
Phela kukaningi ngikhala
Ngempela izinyembezi aziweli phansi
Nayi eyami imikhuleko iseze yaphenduleka
Ngempela nami umdali useze wangikhumbula
Phela kukaningi ngithandaza,
Ngikhuleka,
Nginxusa,
Kunini ngikhala
Ngempela nami umdali useze wangikhumbula
Nakhu phela sekuze kwakhanya!