SALUKAZI SAM

Ungigonile, wangifukamela kwelakhi’khwapha,

Ngakhosela, nganotha ngazizwa ngikumama.

Wagaya incumbe ukuze ngidle ngisuthe.

Ngahlala, ngakhasa, ngathathunyawo.

Wangifundisa nganyathela ngaqina angangatekezela.

Salukazi saam ntombiyakwaButhelezi awungidelanga nalapho sengihamba.

Wangembathisa, ngacathulela ngafana nazozonke izingane.

Akaze ngibenasikhala sikamama, ubengumama kimi awungilahlanga nhlobo.

Ntombikamkhandumba ngyabonga salukazi sam.

Ubenami ngakhula ngafunda amabanga phansi.

Mm!! yebo uyapha aphinde athathe ongumnikazi wakho konke singemuphikise nhlobo.

Uhambile kulomhlaba kwasale’skhulu iskhala.

Sakhala sazithulisa pho uma esekuthathile okungokwakhe singephikise.

Sibonga siyanconcoza izandla zendluli’khanda.

Ntombiwakwa Shenge uyimbokodo yangempela.

Uyibekile induku ebandla sila esikhona namhlanje isandla sakho.

Ngiyabonga ngiyabonga ngiyabonga salukazi sam.

Ubengeyekhethelo inkosikazi engathi ujehova engakukhumbula uze ungene embusweni wezulu ngalomsebenzi owenzile omkhulu futhi omuhle.

IBHALWE UMAKHOSI SHWALA.