Noma ngifisa ukukhohlwa

Kodwa akwenzeki.

Noma isiminingi iminyaka eyadlula

Kodwa kona akudluli.

Indlela owawungiphethe ngayo

Yeyenza kubengathi ngazikhethela ukuhlupheka.

Asikho isilonda esedlula ukuthi uthi uzama

Kube ngathi kwabanye abantu awenzi lutho.

Owakwenza kim kuyangihlupha

Noma ngizama ukukhohlwa yikho

Kodwa akwenzeki.

Ukwenza kwakho kwangikhipha endleleni

Yokulwela ukuba ngcono kunomntu engangiwuyena

Ngagcina sengilwela ukubangcono kunawe

Ukuze ngizobona ukuthi kwakufanele yini ungiphathe ngalendlela owawungiphethe ngayo.

Uma udinga usizokimi

Ngithi ngisilula isandla inhliziyo ibe isifinyeza

Ingikhumbuza owakwenza kimi.

Uma ngibuka isimo sam, sikhomba ukuthi ngakuxolela

Kodwa angikhohlwanga.