Ukuthi uwumgani wami ng’yakwazi lokho akubuzwa
ngiz’buze umbuzo’wodwa wokuthi mina ngizizwa kanjani ngaye ,
sek’phele amahhora impendulo ngingakay’tholi
k’yamangaza ang’jwayele ukuphelelwa zimpendulo
ouh hhay! iyang’dida ke le.
umeke wathi ung’khumbule k’zwakala kuyiqiniso emoyeni wami ng’yakhatheza
ng’swel’amaphiko ok’ndiza lelibanga elingamakhulu amabili namashumi ayisihiyagalolunye nes’khombisa el’phakathi kwethu
ng’yombamba ngimqinise esfubeni sami ngimange esphongweni ngimtshele ukuthi ng’yamkhumbula,
impela cha! iyang’ didake le.
uma nginaye ng’zizwa ngiphelele, ngisekhaya
mncaaaane, ngimncaaane masindawonye sib’into encane ,
ng’yaqodisisa as’nabo ub’dlelwano bothando kodu ‘b’ngani bethu bumnandi buyang’thokozisa ,
anginankinga nokulahlekelwa abangani koda lo ngiz’misele ukumngcina eduze kwami,
kunento ehlukile ngaye engingayazi nami
cha iyang’didake le!
angazi noma imizwa yami eyilabatheka koda kanjani ,ngoba namanje angizazi ngizizwa kanjani ngaye
asejwayele ukuxoxa koda mengike ngamkhumbula ngamcabanga is’khashana,
ak’pheli mahoramangaki ng’tholumlayezo ovela kuye othi ung’khumbule
,mangibe nephupho ngaye ekseni ng’zothola umlayezo’phuma kuye othi ung’khumbule
impela cha iyang’didake le!
kuningi engik’thandayo ngaye uyahlonipha unobubele,
uwumngani wami ng’yaqonda koda ng’thokozela sonke isikhathi nomzuzu esiw’chitha ndawonye
uhlukile akafani nabanye ,mhlampe ng’dinga isandiso enqondweni yami ukuze ng’zoqonda lenteyenzeka kimi ngoba
hhay cha!!! iyang’didake le!