Lona ngumphako wakho mtanami.
Indlel’ibuzwa kwabaphambili,
Inkinga nabo banhlanhlatha ezinkalweni.
Umvundla ziyawunqanda kwabaphambili.
Qaphela mtanami bangakudukis’abaphambili.
Thatha naw’uzibandlela wempilo,
Ubogawul’ubheke ngane yami,
Kukwamhlab’uhlab’omncane nomdala lapha.
Nokubona samuntu kufihle ubulwanyana.
Ze ungalibeki kumuntu ithemba lakho,
Netshe uqobo, kusasa lizokuqhuzula.
Bazinhlekabayeni ngaphandle nje,
Bathi lala lulaza sizokwengula.
Ifa leziwula liwukudla kwezihlakaniphi.
Utshani obulele buvuswa ngomlilo,
Maqede buphenduke uhlungu.
Umunt’umalal’ephenduka.
Bahleka kuvel’elomhlathi uma bekubona,
Wasithela wazishiya, uze ungabalibali.
Zubahlolisise abazisondeza kuwe,
Akubo bonke abeze ngobuhle.
Ungakusabi ukuphila wedwa,
Ngoba lomhlaba ungowamaxoki.
Umngani, isihlobo kanye nomndeni,
Bayakujikel’esiswini okwamambawu.
Qaphel’abakhohlisi ngoba bazokudukisa,
Abanazwelo nonembeza babo babalahla.
Ugade izimpisi zicash’emhlanjini,
Zicashe ngesikhumba semvu phakathi kwazo.
Lapho kwenyukela endleleni,
Ungami,phokophela phambili.
Uma bekuvimba, udlule bevalile.
Uze ungakufisi okuza kalula,
Ngokunjalo nakho kuhamba kalula.
Khumbula mtanami,
Ixoxo nexoxo liyazigxumela.
Umlumgisi uzithela isisila.
Ubogawula ubheke ngane yami,
Lelihlathi linezinyoka eziyingozi.
Uma ungabhekanga uyozwa ngengozi,
Ubone ngomoph’okwesalakutshelwa.
Ababulali siphila nabo,
Abathakathi siphila nabo,
Abadlwenguli siphila nabo,
Ubheke abantu ophila nabo,
Abantu ophila nabo bakubhekile.
Ubogawula ubheke mtanami.